Ntombazi
Appearance
UNtombazi ka Ndlangamandla Ntshalintshali kwabe kuyi Ndlovukazi yama Ndwandwe eyabe ingunkosikazi we Nkosi yama Ndwandwe u Langa Ka Xaba Nxumalo, uzala iNkosi yama Ndwandwe u Zwide ka Langa, kanye no Nobenguni ka Langa owabe engunkosikazi we Nkosi yabaThethwa uDingiswayo ka Jobe. Indlovukazi uNtombazi wabe enukwa ngokuthakatha yizizwe ezazinobutha namaNdwandwe.
eKudumeni
[hlela | Hlela umthombo]uNtombazi wadlalwa ngumlingisi osewadlula emhlabeni uDaphney Hlomuka kwiShaka Zulu eyayidlalakwi SABC, waphinde wadlalwa u Khabonina Khubeka kwi Shaka Ilembe ye Mzansi Magic