Numeri 6

Mayelana Wikipedia

Numeri 6:1-27[hlela | Hlela umthombo]

1  UJehova waqhubeka wathi kuMose:

2  “Khuluma nabantwana bakwa-Israyeli uthi kubo, ‘Uma kwenzeka owesilisa noma owesifazane enza isifungo esikhethekile sokuphila njengomNaziri kuJehova,

3  kufanele adede ewayinini nasophuzweni oludakayo. Akufanele aphuze uviniga wewayini noma uviniga wophuzo oludakayo, noma aphuze noma yiluphi uketshezi olwenziwe ngamagilebhisi, noma adle amagilebhisi kungaba amasha noma omisiwe.

4  Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe kufanele angadli noma ngabe yini eyenziwe ngomvini wewayini, kusukela emagilebhisini angavuthiwe kuze kube semakhasini.

5  “‘Zonke izinsuku zesifungo sobuNaziri bakhe akukho nsingo okufanele idlule phezu kwekhanda lakhe; zize ziphelele izinsuku okufanele ahlukaniselwe uJehova ngazo, kufanele abe ngongcwele ngokuyeka izinwele zekhanda lakhe zikhule.

6  Zonke izinsuku zokuzigcina ehlukaniselwe uJehova akanakusondela kunoma yimuphi umphefumulo ofile.

7  Akanakuzingcolisa ngisho nangenxa kayise noma unina noma umfowabo noma udadewabo lapho befa, ngoba uphawu lobuNaziri bakhe kuNkulunkulu wakhe lusekhanda lakhe.

8  “‘Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe ungcwele kuJehova.

9  Kodwa uma kungenzeka noma ubani ofayo afe ngokuzuma okukhulu eceleni kwakhe angcolise ikhanda lobuNaziri bakhe, khona-ke kumelwe aphuce ikhanda lakhe ngosuku azihlanza ngalo. Ngosuku lwesikhombisa kufanele aliphuce.

10  Ngosuku lwesishiyagalombili kufanele alethe amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba kumpristi emnyango wetende lokuhlangana.

11  Umpristi kumelwe athathe elinye njengomnikelo wesono nelinye njengomnikelo wokushiswa amenzele isihlawulelo, njengoba onile ngenxa yomphefumulo ofile. Khona-ke kumelwe alingcwelise ikhanda lakhe ngalolo suku.

12  Kumelwe aphile njengomNaziri kuJehova izinsuku zobuNaziri bakhe, futhi kumelwe alethe iwundlu leduna elisonyakeni walo wokuqala njengomnikelo wecala; futhi izinsuku zangaphambili ngeke zibalwe ngoba wabungcolisa ubuNaziri bakhe.

13  “‘Manje nanku umthetho ophathelene nomNaziri: Ngosuku izinsuku zobuNaziri bakhe eziphelela ngalo, uyolethwa emnyango wetende lokuhlangana.

14  Kumelwe alethe njengomnikelo wakhe kuJehova iwundlu leduna eliphilile elisonyakeni walo wokuqala njengomnikelo wokushiswa, newundlu elilodwa lensikazi eliphilile elisonyakeni walo wokuqala njengomnikelo wesono, nenqama eyodwa ephilile njengomhlatshelo wenhlanganyelo,

15  nobhasikidi wamaqebelengwane angenamvubelo angamasongo enziwe ngofulawa ocolekileyo, oswakanyiswe ngamafutha, nezinkwa eziyizingcwecwana ezigcotshwe ngamafutha, nomnikelo wako wokusanhlamvu+ neminikelo yako yokuphuzwayo.

16  Umpristi kumelwe akwethule phambi kukaJehova futhi anikele umnikelo wakhe wesono nomnikelo wakhe wokushiswa.

17  Uyonikela kuJehova ngenqama njengomhlatshelo wenhlanganyelo kanye nobhasikidi wamaqebelengwane angenamvubelo; futhi umpristi kumelwe anikele umnikelo wayo wokusanhlamvu nomnikelo wayo wokuphuzwayo.

18  “‘UmNaziri kumelwe aphuce ikhanda lobuNaziri bakhe emnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobuNaziri bakhe azifake emlilweni ongaphansi komhlatshelo wenhlanganyelo.

19  Umpristi kumelwe athathe isiphanga esibilisiwe senqama neqebelengwane elilodwa elingenamvubelo elimise okwesongo kubhasikidi, nesinkwa esisodwa esilucwecwana esingenamvubelo, akubeke ezintendeni zezandla zomNaziri ngemva kokuba eseye waluphuca uphawu lobuNaziri bakhe.

20  Umpristi kumelwe akuzulise njengomnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova. Kuyinto engcwele yompristi, kanye nesifuba somnikelo wokuzuliswa kanye nomlenze womnikelo. Ngemva kwalokho umNaziri angaliphuza iwayini.

21  “‘Nanku umthetho ngomNaziri owenza isifungo—umnikelo wakhe kuJehova ngobuNaziri bakhe, ngaphandle kwalowo angaba namandla okuwunikela. Ngokwesifungo sakhe angase asenze, kufanele enze kanjalo ngenxa yomthetho wobuNaziri bakhe.’”[1]

  1. https://www.jw.org/zu/izincwadi/ibhayibheli/bi12/izincwadi/numeri/6/