Oliver Tambo

Mayelana Wikipedia

U-Oliver Reginald Tambo wazalwa ngomhlaka-27 kuMfumfu ngonyaka ka-1917 endaweni ebizwa ngokuthi iNkantolo edolobheni laseBizana;ePondoland eseyaziwa ngokuthi y i-Eastern Cape. Lendawo uTambo wavelela kuyo kwakusemapulazini.Ubaba wakhe, uMzimeni Tambo, wayeyindodana yomunini pulazi nomsizi wesitolo esisasiseduze nakubo. Ubaba uMzimeni wayenamakhosikazi amane nezingane eziyishumi, Bonke babengafundile. Umama ka-Oliver wayeyinkosikazi yesithathu, igama lakhe kwakungu Julia Tambo. Babevela emndenini ozimele.Izingane zikababa wakhe kwakumele zibe nemfundo enhle. Wafunda e-Angelican and Methodist Missionary School nase Holly Cross Missionary School nobhuti wakhe. Ngemuva kweminyaka emihlanu e-Holy Cross, uTambo wenza kahle ezifundweni zakhe wadlulela eSt Peter, eGoli. UTambo wenza iziqu ngonyaka ka-1938 njengomunye wabafundi abaphambili. Ngemuva kwalokho, uTambo wangeniswa eNyuvesi yaseFort Hare kodwa ngo-1940 yena kanye nabanye abaningana kuhlanganisa uNelson Mandela, waxoshwa ngenxa yokubamba iqhaza esitelekeni sabafundi. Ngonyaka ka-1942, uTambo wabuyela esikoleni ayekade efunda kuso esikoleni samazinga aphakeme eGoli ukuyofundisa izifundo zesayensi nezibalo.[1]

Ngonyaka ka-1943, uTambo, uMandela kanye noWalter Sisulu basungula uphiko lwentsha lwe-ANC, lapho uTambo eba nguNobhala wabo wokuqala kazwelonke futhi waba yilungu lesigungu Sikazwelonke ngo-1948. Inhlangano yentsha yahlongoza ukuthi kuguqulwe amaqhinga wenhlangano elwa nobandlululo. Phambilini, i-ANC ibikade ifuna ukuqhubekisela phambili imbangela yayo ngezenzo ezifana nezikhalazo kanye nemiboniso; Uphiko lwentsha lwabona ukuthi lezi zenzo azenele ukufeza izinhloso zeqembu futhi ziphakamisa olwabo "uHlelo Lokusebenza". Lolu hlelo lwalumela emaqhingeni anjengokuqala iziteleka, ukunganakwa kwezidingo zomphakathi kanye nokungabambisani.

Ngonyaka ka-1955, uTambo waba nguNobhala-Jikelele we-ANC ngemuva kokuthi uSisulu enqatshelwe nguhulumeni waseNingizimu Afrika ngaphansi koMthetho Wokuqinisa Ubukhomanisi. Ngo-1958, waba yiPhini likaMongameli we-ANC kwathi ngonyaka ka-1959 wanikezwa umyalo wokuxoshwa kweminyaka emihlanu nguhulumeni.

Ngemuva kwezinkinga ngokushaywa kwakhe isifo sohlangothi, uTambo washona ngomhlaka-24 kuMbasa , ngonyaka ka-1993 eneminyaka ewu-75. Ukufa kwakhe kwenzeka ezinsukwini eziyi-14.ngemuva kokubulawa kukaChris Hani nonyaka owodwaAfrican ngaphambi kokhetho lukazwelonke luka-1994 lapho uNelson Mandela aba nguMongameli waseNingizimu Afrika. UMandela, uThabo Mbeki kanye noWalter Sisulu baya emngcwabeni. UTambo wangcwatshwa eBenoni, eGauteng.

iZikhomba‎[hlela | Hlela umthombo]

  1. "Oliver Reginald Kaizana Tambo" Archived 2020-11-28 at the Wayback Machine.. thepresidency.gov. Kulandwe ngomhlaka 3 kuNhlolanja 2021.