Jump to content

Robbie Malinga

Mayelana Wikipedia

URobinson Malinga (08 kuLwezi 1968 - 25 kuZibandlela 2017) owayaziwa kakhulu ngegama lika Robbie wabe engumculi, umbhali wamaculo kanye nomdidiyeli womculo waseNingizimu Afrika. OkaMalinga waba negalelo elikhulu ekuthuthukiseni amakhono omculo kwiningi labaculi baseNingizimu Afrika okubalwa kubo uKabelo, Arthur Mafokate, uMzekezeke kanye nabanye abaningi[1]. Isasasa lake elikhulu belisemculweni wohlobo lwe-Afro Pop lapho asebenzisana kakhulu noKelly Khumalo.

Isendlalela

[hlela | Hlela umthombo]

URobbie Malinga wazalelwa elokishini laseMeadowlands, eSoweto. Uthando lomculo laqala esemcane lapho ayetikata khona ipiyano esontweni. Wayewutikata upiyano naye engazi ukuthi wenzani ekhipha imisindo engena shuni, kodwa wazitshela ukuthi uzogcina ekhiphe ishuni yakhe emangalisayo. Njalo ngamaSonto wazijweza ukudlala ipiyano lapho waze wagcina eyitholile ishuni ayakade eyifuna, lapha wagcina sekunguye umdlali wepiyano esontweni [2]

Wafundela ukwenza umculo ekolishi laseRoodeport kanye nomngani wakhe uDJ Mahoota owaduma kwiTrompies. Wangena endimeni yomculo wekwaito ngonyaka we-1998 lapho akhipha khona ingoma iyaba yisisasa, esihloko esithi Insimbi. Okwathi uma kuhamba isikhathi wagxila ekudidiyeleni nasekuculeni umculo we-afro pop lapho aba negalelo elikhulu ekuthuthukeni kwalolu hlobo lomculo[3]

Imisebenzi

[hlela | Hlela umthombo]

URobbie Malinga endimeni yomculo wabe ehlela umculo, edidiyela umculo, ebhala umculo, aphinde abe ngumculi. Wabe aziwa ngekhono abe enalo lokuvundulula amakhono omculo kubaculi abasafufusa abathathe ababeke esicongweni. Wasungula inkampani yokuqopha umculo enegama elithi Robbie Malinga Entertainment.

Ama-alibhamu

[hlela | Hlela umthombo]
  • Skenend (1997)
  • Sengaliwe (2001)
  • Mapropro Maporo (2002)
  • Copesta (2003)
  • Susana (2004)
  • Lilizela Mzansi (2006)
  • Heavy Weight (2008)
  • African Love Story (2010)
  • The Duets (2016)
  • Robbie Malinga (2017)
  • Mr Serious (2016)

Izindondo

[hlela | Hlela umthombo]
  • 2016: Umdidiyeli ovelele wonyaka kuma-South African Music Awards (SAMA)
  • 2015:Indondo kwama-SAMA yengoma evelele
  • 2014: Wanqoba umcintiswano wezamakhwaya kwisizini yesibili (Clash of Choirs season 2).

Ukudlula emhlabeni

[hlela | Hlela umthombo]

UMotshwa wadlula emhlabeni mhla zingama-25 kuZibandlela wezi-2017 emva kokuxinwa yisifo somdlavuza wegazi (anemia) [4] Wafihlwa mhla zi-2 kuMasingana wezi-2018 Westpark eMathuneni eGoli. Washiya emhlabeni amadodana amabili kanye nonkosikazi wakhe u-Anne Malinga.

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. "Hamba Kahle, Robbie Malinga". Unknown parameter |Agency= ignored (|agency= suggested) (help); Unknown parameter |date accessed= ignored (help); Unknown parameter |date published= ignored (help)[dead link]
  2. "Legendary music producer Robbie Malinga is a man on a mission". 1 Decemeber 2016. Unknown parameter |publication= ignored (help); Unknown parameter |date accessed= ignored (help); |first1= missing |last1= in Authors list (help); Check date values in: |date= (help)
  3. Wangui, Carolyne (18 September 2017). "Robbie Malinga biography". African Mania. Unknown parameter |access date= ignored (|access-date= suggested) (help)[dead link]
  4. ""Robbie died peacefully"-TK Ncinza". Drum Magazine. 25 December 2017. Unknown parameter |date accessed= ignored (help)