Jump to content

Stretford Park

Kubuya ku Wikipedia

Ngaphakathi elokishini lase Orange farm kunepaki ebizwa ngokuthi iStretford Park, etholakala kuMilife Street, Orange Farm, Johannesburg, 1841. Itholakala eduze kwesikole, iSeipone Primary School. I-Stretford Park iyindawo ephephile lapho izingane zingadlala khona ngemva kokuphuma kwesikole, ngezimpelasonto nangesikhathi samaholide esikole. Leli paki linemidlalo eminingi yokushwiba, futhi inezinkundla ezifana ne: nkundla yethenisi, nkundla yebhola lomnqakiswano kanye ne nkundla yebhola.