Jump to content

Template:Today's featured article

Kubuya ku Wikipedia
Isithombe sikaMbuyisa Makhubu ethwele umfundi uHector Pieterson

Ukuvukela kweSoweto kwakuyizibhelu nochunge lwemibhikisho eyasuswa yintsha engabafundi abansundu, enxulumeni laseSoweto mhla zili-16 kuJuni ngonyaka we-1976, futhi kwabhebhethekela ezweni lonke laseNingizimu Afrika ngenkathi yobandlululo. Abafundi babhikisha ngokumelene nokungeniswa kolimi lwesiBhunu, esasibhekwa njengolimi labacindezeli, bengafuni kusetshenziswe lona noma kufundiswe ngalo ezikoleni. Kulinganiselwa ukuthi kwakunabafundi abayizi-20, 000 emibhikishweni okwengeziwe...