Jump to content

UCansi

Kubuya ku Wikipedia
Umfanekiso oveza abantu ababili bezibandakanya ocansini odwetshwe nguÉdouard-Henri Avril (1892)
Amabhubhesi athwetshulwe enza ucansi olubizwa ngokuthi ukukhwela.

Ucansi ubuqhebeqhebe bobuhlobo bobulili obaziwa nangokuthi ukulalana, ukujeka, ukuhlangana noma ukubhebhana. Ngokuvamile ucansi lwenziwa ngokuthi owesilisa afake umthondo ovusiwe ngaphakathi kwenhlunu yowesifazane, olulandelwa isenzo sokufendana ngenjongo yokuzijabulisa, noma ukwenza ingane, noma kokubili.[1] Elithi ukumekeza lisebenza ngokuyinhloko kowesifazane oyitshitshi lapho engena emshadweni esayintombi, eqala ukuzihlanganisa ngokocansi nomyeni wakhe, kuthiwa uyamekeza (deflower). Lokhu kwenziwa ngosuku lwesibili lo mgcagco sekuhlatshwe nembuzi ebizwa umeke. Lolu hlobo locansi lwaziwa nangokuthi ucansi lwenhlunu (vaginal sex).[2][3] Kodwa, zikhona nezinye izinhlobo zocansi ngaphandle kokulala intombi noma owesifazane. Zihlanganisa ukulala indoda, okuyisenzo sobungqingili, okwenziwa ngokufaka umthondo endunu, kubizwa nangokuthi amatanyula. Kukhona nocansi lomlomo, ukufaka umthondo emlonyeni noma ukukhotha Inhlunu. Kukhona nocansi olwenziwa ngeminwe (ukusebenzisa iminwe ukwanelisa owesifazane) noma ukusebenzisa ithoyizi lezocansi olumise okomthondo (dildo), noma oluqhikizayo (vibrator).[4][5] Inkanuko yobulili yokwenza ucansi ingokwemvelo, futhi ihlanganisa nokuthintana phakathi kwabantu ababili nona ukweqa, futhi lokhu kwenzelwa ukuzijabulisa ngokomzwelo, kwezinye izikhathi kulekelela ukwakha ubuhlobo.[4][6]

Kunemibono eminingi ezama ukuchaza ukuthi luyini ucansi noma ubuqhebeqhebe ubuyamaniswa nalo, futhi lemibono ibuye ikhinyabeze imibono yempilonhle ngocansi.[7] Nakuba Isenzo socansi senziwa ngenhloso yokwandisa umndeni ngokuba nezingane, sibuye zenziwe ngenhloso yokuzijabulisa. Ucansi ngokuvamile lwenziwa ngokumekeza (penetrating), Kodwa kukhona nocansi olungamekezi,[8] Kodwa ucansi olungamekezi ngokwezinyw izincasiselo lusawucansi nalo.[4][9][7] Ngenxa yokuthi kungcuphe yothi abantu bangangenwa izifo zocansi, ingakho abezempilo bathi abantu kudingeka benze ucansi oluphephile ukuze banciphise ingcuphe.[10][11]

Izindawo ezihlukene zinezivimbelo ngezenzo ezithile zocansi, ezifana nokuphinga, ukuhlobonga, Isenzo socansi nengane, ukuqwayiza, ukudlwengula, ukulala nesilwane, ubingqingili, umnyobo, nokulala no. Izinkolelo zamakholwa nazo zineqhaza ezinqumeni esenziwa umuntu ngocansi noma omunye ubuqhebeqhebe nocansi kuhlanganisa nobuntomb.[12][13] Isizwe samaZulu saziwa ngokuba nomkhosi womhlanga ogqugquzela ubuntombi nokuzithiba ezenzweni zocansi kuze kube yilapho intombi igana.

Isenzo zobulili noma socansi phakathi kwezilwane saziwa ngokuthi ukukhwela, noma ukuzeka, futhi isidoda/amalotha sesilwane seduna singeniswa esithweni sesilwane sensikazi sisebenzisa umthondo noma isithondo (cloaca). Iningi leziphili ezingezona abantu, ukukhwelana kwenzeka ngenkanthi yomjikelezo wokuvunda, lapho isilwane sensikazi sesikulungele ukuzekwa, ngoba amathuba wokumitha emaningi. .[14][15] Kodwa, amabhonobo, izinhlengethwa, namashimpanzi, yizilwane ezivamise ukuzekana ngisho noma umjikelezo wokuvunda ufikile nona cha, kwezinye isikhathi zenza ucansi lobungqingili.[16] [17]


uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]
Plates 15 and 16 from John Roberton's The Generative System (1824). Plate 15 (left) shows the adaptation of the glans penis and vagina during intercourse; Plate 16 (right) illustrates the suction and collapse of the vagina.

Igama elithi ucansi elivela kwelithi ukwenza ucansi, lisuselwa ocansini lokulala olubizwa nangokuthi ukhukho, olundlalwa phansi lapho abantu belala. Leli igama lokuhloniphisa lifana nelithi ukulalana nalo okuyigama lokuhloniphisa isenzo sokujeka. Ngokufanayo igama elithi ukuhlangana nalo kusayigama elihloniphisa lesi senzo. Elithi ukubhebhena livela kwelithi ukubhebha, liyefana nelithi ukuzeka, womanili ayesetshenziswa ngokuqondene nezilwane lapho zikhwelana.

uMthelela kwezempilo

[hlela | Hlela umthombo]

Izinzuzo

[hlela | Hlela umthombo]

Ubuqhebeqhebe bocansi bunezinzuzo ezithile kubantu ezihlanganisa ukuqinisa amasosha womzimba ngokwandisa izinqandavubu (antibodies) nokwehlisa umfutho wegazi,[18][19] kunciphisa nengxuphe yokuphatha umdlavuza wedlala lowesilisa (prostate cancer). Ukuchitha amalotha kwandisa amazinga wamachicho aziwa ngokuthi amathandaniso (oxytocin), okuyiwona enza abantu bathembane.[19][20] Amathandaniso anomtuelela kakhulu kwabesifazane kunabesilisa, okuyisizathu esenza abesifazane bayamanise ukukhangana nobuqhebeqhebe bocansi nezenzo zothando kunabanru besilisa.

Izingozi

[hlela | Hlela umthombo]

Izifo ezithelelana ngokocansi (STIs) ziyizinungwana, namagciwanyani noma izinhlwithamsoco ezibhebhetheka ngokuthintana ngokocansi, kungaba ngocansi lwenhlunu, lwendunu noma lomlomo, olungaphephile.[21][22] Ezimeni eziningo, izifo zocansi azinazo izimpawu, okwenza akhule amathuba wokuthelelana ngazo abantu bengazi.[23][24]

uMthelela kwezenhlalo

[hlela | Hlela umthombo]

Kubantu abadala

[hlela | Hlela umthombo]

Ukwenza ucansi isenzo sokwenza ingane, soluqinisa ubuhlobo noma sokuzijabulisa kubantu abadala ngeminyaka.[25] Esiphakathini eminingi, kuyinjwayelo ukuthi imibhangqwana (couples) noma izithandani zisebenzise izinsiza zokuvimbela inzalo, ukuze zikwazi ukwenza ucansi ngenhloso yokuqinisa ubuhlobo bazo nokuzijabulisa, kuyilapho zigwema ukumitha.[26]

Ukunganeliseki ngokocansi ngenxa yokuncishwa ucansi kuyamaniswa nengxuphe yokuchitheka komshado nokwehlukanisa, ikakhulu kubantu besilisa.[27][28][29] Kwabesifazane ukungabiniswa uthando lezocansi ngumlingani kwenziwa ukuthi abasabukeki bebahle njengasebusheni.[30]

Okunye ucwaningo luveza ukuthi izithandani ezikipitile, zizibandakanya kwezocansi ukwedlula lezo ezishadile, Kodwa futhi maningi amathuba wokuthi ziphinge.[31] Abantu asebekjulile ngeminyaka, ogogo nomkhulu bona ukuguga kubenza banciphise amazinga wabo wokwenza ucansi.

Amabhungu nemithimbazana

[hlela | Hlela umthombo]

Abantu abasebasha, ikakhulu amaningi nemithimbazana, angaphansi oneminyaka eli-18, Nani bavamise ukuzibandakanya kwezocansi ngenjongo yokuzijabulisa, nokutisenzo ezingabakhinyabeza kahle noma kani empilweni. Ngokwesibonelo, ukukhulelwa kwemithimbazana akuyona into eyamukelwayo emphakathini nakwamanye amasiko.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Sexual intercourse most commonly means penile–vaginal penetration for sexual pleasure or sexual reproduction; dictionary sources state that it especially means this, and scholarly sources over the years agree. See, for example;
    • "Sexual intercourse". Sexual intercourse. https://www.dictionary.com/browse/sexual-intercourse. Retrieved August 24, 2024.
    • "Sexual intercourse". Sexual intercourse. http://www.merriam-webster.com/dictionary/sexual%20intercourse. Retrieved August 24, 2024.
    • Richard M. Lerner; Laurence Steinberg (2004). Handbook of Adolescent Psychology. John Wiley & Sons. pp. 193–196. ISBN 978-0-471-69044-3. Kulandwe ngomhlaka April 29, 2013. When researchers use the term sex, they nearly always mean sexual intercourse – more specifically, penile–vaginal intercourse. [...] The widespread, unquestioned equation of penile–vaginal intercourse with sex reflects a failure to examine systematically 'whether the respondent's understanding of the question matches what the researcher had in mind.'
    • Fedwa Malti-Douglas (2007). Encyclopedia of Sex and Gender: A-C. Macmillan Reference. p. 308. ISBN 978-0-02-865961-9. Sexual intercourse. [T]he term coitus indicates a specific act of sexual intercourse that also is known as coition or copulation. This 'coming together' is generally understood in heteronormative terms as the penetration of a woman's vagina by a man's penis.
    • Irving B. Weiner; W. Edward Craighead (2010). The Corsini Encyclopedia of Psychology. 4. John Wiley & Sons. p. 1577. ISBN 978-0-470-17023-6. Kulandwe ngomhlaka August 21, 2013. Human sexual intercourse, or coitus, is one of the most common sexual outlets among adults. Sexual intercourse generally refers to penile penetration of the vagina.
    • Clint E. Bruess; Elizabeth Schroeder (2013). Sexuality Education Theory and Practice. Jones & Bartlett Publishers. p. 152. ISBN 978-1-4496-4928-9. Kulandwe ngomhlaka December 5, 2014. In many cultures around the world, vaginal sex is what is usually implied when people refer to 'having sex' or 'sexual intercourse.' It is the most frequently studied behavior and is often the focus of sexuality education programming for youth.
    • Cecie Starr; Beverly McMillan (2015). Human Biology. Cengage Learning. p. 339. ISBN 978-1-305-44594-9. Kulandwe ngomhlaka December 27, 2017. Coitus and copulation are both technical terms for sexual intercourse. The male sex act involves an erection, in which the limp penis stiffens and lengthens. It also involves ejaculation, the forceful expulsion of semen (sperm) into the urethra and out from the penis. [...] During coitus, pelvic thrusts stimulate the penis as well as the female's clitoris and vaginal wall. The stimulation triggers rhythmic, involuntary contractions in smooth muscle in the male reproductive tract, especially the vas deferens and the prostate. The contractions rapidly force sperm out of each epididymis. They also force the contents of seminal vesicles and the prostate gland into the urethra. The resulting mixture, semen, is ejaculated into the vagina.
    • Janell L. Carroll (2018). Sexuality Now: Embracing Diversity. Cengage Learning. p. 289. ISBN 978-1-337-67206-1. Kulandwe ngomhlaka November 22, 2019. Vaginal intercourse (also referred to as sexual intercourse) involves inserting the penis into the vagina.
  2. Alters S (2012). Essential Concepts for Healthy Living. Jones & Bartlett Publishers. pp. 180–181. ISBN 978-1-4496-3062-1. Most heterosexuals are familiar with the notion of 'having sex' or sexual intercourse as vaginal sex, the insertion of a penis into a vagina. Vaginal sex, or coitus, is the most common and popular form of intimate sexual activity between partners.
  3. Carroll JL (2018). Sexuality Now: Embracing Diversity. Cengage Learning. p. 289. ISBN 978-1-337-67206-1. Vaginal intercourse (also referred to as sexual intercourse) involves inserting the penis into the vagina.
  4. 1 2 3 "Sexual Intercourse". Discovery Health. Archived from the original on August 22, 2008. Kulandwe ngomhlaka January 12, 2008.
  5. Rathus SA, Nevid JS, Rathus LF (2010). Human Sexuality in a World of Diversity. Allyn & Bacon. p. 251. ISBN 978-0-205-78606-0.
  6. Freberg L (2009). Discovering Biological Psychology. Cengage Learning. pp. 308–310. ISBN 978-0-547-17779-3.
  7. 1 2 "Defining sexual health: Report of a technical consultation on sexual health" (PDF). World Health Organization. January 2002. p. 4. Archived from the original (PDF) on September 6, 2012. Kulandwe ngomhlaka September 5, 2012. In English, the term 'sex' is often used to mean 'sexual activity' and can cover a range of behaviours. Other languages and cultures use different terms, with slightly different meanings.
  8. Kahn AP, Fawcett J (2008). The Encyclopedia of Mental Health. Infobase Publishing. p. 111. ISBN 978-0-8160-6454-0.
  9. Hales D (2008). An Invitation to Health Brief 2010–2011. Cengage Learning. pp. 269–271. ISBN 978-0-495-39192-0.
  10. Kumar B, Gupta S (2014). Sexually Transmitted Infections. Elsevier Health Sciences. p. 93. ISBN 978-81-312-2978-1.
  11. Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named Carpenter
  12. Strong B, DeVault C, Cohen TF (2010). The Marriage and Family Experience: Intimate Relationship in a Changing Society. Cengage Learning. p. 186. ISBN 978-0-534-62425-5. Kulandwe ngomhlaka October 8, 2011. Most people agree that we maintain virginity as long as we refrain from sexual (vaginal) intercourse. But occasionally we hear people speak of 'technical virginity' [...] Data indicate that 'a very significant proportion of teens ha[ve] had experience with oral sex, even if they haven't had sexual intercourse, and may think of themselves as virgins' [...] Other research, especially research looking into virginity loss, reports that 35% of virgins, defined as people who have never engaged in vaginal intercourse, have nonetheless engaged in one or more other forms of heterosexual sexual activity (e.g., oral sex, anal sex, or mutual masturbation).
  13. Michael Kent (2000). Advanced biology. Oxford University Press. pp. 250–253. ISBN 978-0-19-914195-1. Kulandwe ngomhlaka October 21, 2015.
  14. Showick Thorpe; Edgar Thorpe (2009). The Pearson General Studies Manual 2009, 1/e. Pearson Education India. p. 1.79. ISBN 978-81-317-2133-9. Kulandwe ngomhlaka October 21, 2015.
  15. Balcombe, Jonathan (2006). Pleasurable Kingdom: Animals and the Nature of Feeling Good. Palgrave Macmillan. pp. 106–118. ISBN 978-0-230-55227-2.
  16. Andrew Steptoe; Kenneth Freedland; J. Richard Jennings; Maria M. Llabre; Stephen B Manuck; Elizabeth J. Susman (2010). Handbook of Behavioral Medicine: Methods and Applications. Springer Science & Business Media. pp. 60–61. ISBN 978-0-387-09488-5. Kulandwe ngomhlaka December 7, 2014.
  17. 1 2 Theresa Hornstein; Jeri Schwerin (2012). Biology of Women. Cengage Learning. p. 205. ISBN 978-1-285-40102-7. Kulandwe ngomhlaka December 7, 2014.
  18. Carol Sigelman; Elizabeth Rider (2011). Life-Span Human Development. Cengage Learning. p. 452. ISBN 978-1-111-34273-9. Kulandwe ngomhlaka December 7, 2014.
  19. Hoeger W, HS, FA, HC (2016). Principles and Labs for Fitness and Wellness. Cengage Learning. pp. 538–540. ISBN 978-1-337-09997-4.
  20. "Sexually transmitted infections". womenshealth.gov (in i-English). February 22, 2017. Kulandwe ngomhlaka December 8, 2017.Template:PD-notice
  21. Murray PR, Rosenthal KS, Pfaller MA (2013). Medical microbiology (7th ed.). St. Louis, MO: Mosby. p. 418. ISBN 978-0-323-08692-9. Archived from the original on December 1, 2015. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  22. Goering, Richard V. (2012). Mims' medical microbiology (5th ed.). Edinburgh: Saunders. p. 245. ISBN 978-0-7234-3601-0.
  23. Harvey, John H.; Wenzel, Amy; Sprecher, Susan (2004). The Handbook of Sexuality in Close Relationships. Psychology Press. pp. 172–173. ISBN 1-135-62470-4.
  24. Harry T. Reis; Susan Sprecher (2009). Encyclopedia of Human Relationships. 1. SAGE. pp. 541–543. ISBN 978-1-4129-5846-2.
  25. Victor C. De Munck (1998). Romantic Love and Sexual Behavior: Perspectives from the Social Sciences. Greenwood Publishing Group. pp. 148–149. ISBN 978-0-275-95726-1. Kulandwe ngomhlaka December 9, 2014.
  26. Tasha R. Howe (2011). Marriages and Families in the 21st Century: A Bioecological Approach. John Wiley & Sons. p. 411. ISBN 978-1-4051-9501-0. Kulandwe ngomhlaka December 9, 2014.
  27. Mark A Fine; John H. Harvey (2013). Handbook of Divorce and Relationship Dissolution. Psychology Press. p. 160. ISBN 978-1-317-82421-3. Kulandwe ngomhlaka December 9, 2014.
  28. Beth Montemurro (2014). Deserving Desire: Women's Stories of Sexual Evolution. Rutgers University Press. p. 169. ISBN 978-0-8135-7306-9. Kulandwe ngomhlaka December 9, 2014.
  29. Bryan Strong; Theodore Cohen (2013). The Marriage and Family Experience: Intimate Relationships in a Changing Society. Cengage Learning. p. 212. ISBN 978-1-285-53189-2. Kulandwe ngomhlaka December 9, 2014.