UMkabayi kaJama

Mayelana Wikipedia

Imvelaphi[hlela | Hlela umthombo]

uMkabayi kaJama waye yindodakazi yenkosi uJama kaNdaba, waye kade eyiwele njengokhokho bakhe uMageba noPhunga. Kodwa iwele lakhe lashona.

Impilo[hlela | Hlela umthombo]

uMkabayi wasindisa umbuso wakwaZulu ngokwenza into engajwayelekile, uMkabayi wabona ukuthi uJama useyaguga kade ezama ukuthola indodana kodwa ehluleka. uMkabayi wenza into engajwayelekile ngoba wahamba wayoshela intombi, eyishelela uyise uJama. lentombi kwakungu Mthaniya kaZingelwayo ( unina kaSenzangakhona). Wavuma uMthaniya washada uJama kaNdaba, wayesethola umntwana uSenzangakhona kaJama. Ukuze ethiwe elika "senza ngakhona" ingoba uMkabayi wenza into enhle ngokuqiniseka ukhuthi umuzi kayise awuwi.

Iqhaza[hlela | Hlela umthombo]

uMkabayi wayenamandla kakhulu ngoba waye ngumbeki wezinkosi okusho ukuthi wayengayisusa noma kunini inkosi ebusayo ngaleso sikhathi. Ngombuso kaShaka, waye namandla amaningi kakhulu, ehlulwa nguNandi kuphela ngomnotho. uMkabayi waye bizwa ngo yise wesizwe, Ndlovukazi, mbeki wamakhosi. Wadlala iqhaza elikhulu empilweni kaShaka. Wayesebenza noNgqengelele kaMvulane, benyenyisa ubantwana bakaNandi uNomcebo noShaka bebaletha esigodlweni eSiklebheni ukuze indlovukazi uMthaniya kaZingelwayo ibone izingane. Kanti futhi uyena oweza neqhinga lokuwisa isilo samabandla uShaka kaSenzangakhona ngenkathi isizwe singaphansi kwefu sokulilela uNandi kaBhebhe. Kukhihlwa isililo sikaNandi