UMkhandlusidlidli

Mayelana Wikipedia
ihholo lesidlavela sase-Ponce, kwelase-Puerto Rico, luyikomkhulu lohulumeni wesidlavela namaphethelo.
ibalazwe lemikhandlusidlidli yase-Sloveniya.

UMkhandlusidlidli noma Umasipala noma uMkhandludolobha uvamise ukuba wuphiko olulodwa lwempathelo ''(administration)'' oluhleliwe nolunamandla okuzibusa noma amagunya njengoba kuvuma imithetho kazwelonke neyesifunda ongaphansi kwayo.

Ibizo elithi uMkhandlusidlidli (ikakhulukazi elithi uMkhandlu) limiqondobili njengoba lisho ibandla elibusayo, elibizwa umkhandlu, futhi lisho indawo esemingceleni lapho ibandla elibusayo elinegunya khona.

UMkhandlusidlidli kungaba inoma iliphi igunya lezombusazwe, kusuka esifundeni esiziphethe esifana nesiGunya sase-Monaco, kuya emuzini omncane ofana ne-West Hampton Dunes, e-New York.

Imingcele lapho umkhandlusidlidli onegunya khona ihlanganisa lokhu okulandelayo:

  • indawo eyodwa enabantu engesidlavela, isidlidli noma umuzi. only one populated place such as a city, town, or village
  • izindawo ezifanayo ezimbalwa (isb., izindawo zegunya zaseMelika esifunde se-New Jersey (1798–1899) ezifana namanxuluma abusa imizi embalwa, imikhandlu yase-Mexico, nemikhandlu yase-Colombia)
  • izingxenye zezindawo ezifana nalezo kuphela, ngesinye isikhathi izindadawe zesidlavela, ezifana nemikhandlu engama-34 yase-Santiago, e-Chile


Amandla wezombusazwe[hlela | Hlela umthombo]

Amandla wemikhandlu iyahlula kusuka ekuzibuseni kuya ekuthobeleni ngokuphelele umbuso. Imikhandlusidlidli ingaba negunya lokuthelisa bantu ngabanye nasemishumanqa ngemalingeniso, intela yempahla, nentela yemishumanqa, kodwa ingabuye yamukele uxhaso olukhulu embusweni. Kwamanye amazwe wase-Yurophu, afana neJalimani, kanjalo nakweminye imikhandlusidlidli yaseNingizimu Afrika, imikhandlusidlidli inelungelo elingokomthethosisekelo lokuhlinzeka ngezidingongqangi ngokusebenzisa imishumanqa ephethwe sobala.

Amabizo wasemazweni ahlukene[hlela | Hlela umthombo]

A map with five insular regions of different colors.
Isidlavela i-New York kanye nezinhlanganisela zezindadawe ezinhlanu, zonke eziyimikhandlu.      1. Manhattan      2. Brooklyn      3. Queens      4. The Bronx      5. Staten Island
iMikhandlu yesidlavela noma isidlidli (enombala obomvu) kanye nemikhandlu engeyona eyesidlidli, kwelase-Finland, ngoweI-2002

uMkhandlu[hlela | Hlela umthombo]

Amabizo ahlobene nelithi "UMkhandlusidlidli", iningi lawo abhekisela ohlakeni lomingcele noma kwezombusazwe.