Jump to content

UMnyango weNzululwazi NoCandululo

Mayelana Wikipedia

UMnyango wezeNzululwaz nokuCandulula ; (owake waba nguMnyango WeNzululwazi Nobuchwepheshe ) ngumnyango kahulumeni waseNingizimu Afrika owengamele ucwaningo lwenzululwazi, okuhlanganisa nezinhlelo zasemkhathini . UNgqongqoshe owuphethe njengamanje nguBlade Nzimande .

Umsebenzi omningi womnyango wenziwa ngezinhlangano ezihlukene cishe ezizimele (nakuba kusayizinhlaka zikahulumeni) ezihlanganisa:

  • Inhlangano kaZwelonke yoCwaningo(National Research Foundation), ethola ingxenye enkulu yesabelomali somnyango ukuze yenze imisebenzi eyahlukene yokweseka ucwaningo, okuhlanganisa nokweseka ingqalasizinda yocwaningo lukazwelonke ebalulekile ("IziNsiza Zokucwaningo Kazwelonke"), ukuphathwa kwezibonelelo zocwaningo lwenzululwazi kanye nohlelo lwezibonelelo zabafundi;
  • uMkhandlu Wocwaningo lweNzululwazi nolwezimboni, osebenza njengesikhungo esingasese socwaningo nentuthuko esihlozinge ngokukhethekile ocwaningweni lokusetshenziswa kwezezimboni;
  • Inhlangano yoCandululo lwezobuChwepheshe (Technology Innovation Agency), ehlinzeka ngoxhaso lwezimali ukuze ucwaningo luphendulwe imikhiqizo yezentengiselwano;
  • inhlangano kaZwelonke yoMkhathi (South African National Space Agency), ehlanganisa ucwaningo oluhlobene nomkhathi kanye nezinhlelo zokuthuthukisa;
  • Umkhandlu woCwaningo lweNzululwazi ngabantu (Human Sciences Research Council), ohlozinge ocwaningweni lwayo ngempilo yabantu nezifo.