UXhoxho lweziNzwa

Mayelana Wikipedia
Umfanekiso owenziwe lwesibikiphambili sowoxhoxho lwezinzwa

Uxhoxho lwezinzwa luyintandelo yezinzwa okungeyezinzwa ezingokwemvelo, noma, ngomqondo wanamuhla, uxhoxho lwezinzwa-mbulu noma amaqhuzu.


Kanjalo, uxhoxho lwezinzwa lungaba uxhoxho lwezinzwa olungokwemvelo noma, uxhoxho lwezinzwa olumbulu, futhi lusetshenziselwe ukuxazula izinkinga zohlakahlisombulu. Uxhumano lwenzwa engokwemvelo liwunongo olwenziwe kumaxhoxho ezinzwa-mbulu njengezisindo phakathi kwamaqhuzu. Iqhuzu elivumayo (positive) limelela uxhumano olukhabathayo (excitatory connection), kuyilapho amanani aphikayo emelela uxhumano oluvimbayo (inhibitory connections). Wonke amagalelo agwebukiswa isisindo bese aba isamba. Lobuqhebeqhebe bubizwa ngokuthi inhlanganisela ewumugqa Ekugcineni, insebenzo yokuqhebezisa ilawula ukuqubuka (amplitude) yeziphumo. Ngokwesibonelo, amazinga amukelekile eziphumo avame ukuba phakathi kwe-0 Kanye no-1, noma angaba phakathi ko-1 kanye no-1.