Jump to content

Uhleloxhumano lweziNzwa

Mayelana Wikipedia
(Redirected from UXhoxho lweziNzwa)
Umfanekiso owenziwe lwesibikiphambili sowoxhoxho lwezinzwa

Uhleloxhumano lwezinzwa luyintandelo yezinzwa okungeyezinzwa ezingokwemvelo, noma, ngomqondo wanamuhla, Uhleloxhumano lwezinzwa-mbulu noma amaqhuzu.


Kanjalo, Uhleloxhumano lwezinzwa lungaba Uhleloxhumano lwezinzwa olungokwemvelo noma, Uhleloxhumano lwezinzwa olumbulu, futhi lusetshenziselwe ukuxazula izinkinga zohlakahlisombulu. Uxhumano lwenzwa engokwemvelo liwunongo olwenziwe kumahleloxhumano ezinzwa-mbulu njengezisindo phakathi kwamaqhuzu. Iqhuzu elivumayo (positive) limelela uxhumano olukhabathayo (excitatory connection), kuyilapho amanani aphikayo emelela uxhumano oluvimbayo (inhibitory connections). Wonke amagalelo agwebukiswa isisindo bese aba isamba. Lobuqhebeqhebe bubizwa ngokuthi inhlanganisela ewumugqa Ekugcineni, insebenzo yokuqhebezisa ilawula ukuqubuka (amplitude) yeziphumo. Ngokwesibonelo, amazinga amukelekile eziphumo avame ukuba phakathi kwe-0 Kanye no-1, noma angaba phakathi ko-1 kanye no-1.