Ucwaningo olungakanisayo
Appearance
(Redirected from Ucwaningo lomngakaniso)
Ucwaningo olungakanisayo (noma ucwaningo olunanisayilo) luyiqhingasu lokucwaninga oluhlozinga kakhulu ukungakanisa noma amanani ekubuthweni nasesihlaziyweni semininingo. Lendlela yokucwaninga igcizelela kakhulu ukuvivinywa komchachiso, njengoba isekelwe kwinjulalwazi yobugcanso.[1]
Izibonelo
[hlela | Hlela umthombo]- Ucwaningo oluqukethe amanani angamaphesenti azo zonke izinhlwa ezakha umoyambulunga womhlaba.
- Inhlolovo ephetha ngokuthi isiguli esivamile kufanele silinde amahora amabili egunjini lokulinda lenyanga ethile ngaphambi kokuba sinakwe.
- Umgcanso lapho iqembu x lanikezwa imigwinyo emibili ye-aspirin ngosuku futhi iqembu y lanikezwa imigwinyo emibili ye-placebo ngosuku lapho umhlanganyeli ngamunye ejutshwa ngokwethukela eqenjini elithile noma kwelinye lamaqembu. Izici ezingokwenano ezinjengemigwonyo emibili, iphesenti lezinhlwa kanye nesikhathi sokulinda kwenza izimo nemiphumela ibe engakanisekayo.
- Kwezomnotho, ucwaningo olungakanisayo lusetshenziselwa ukuhlaziya imihwebo kanye nezici ezinomthelela ekwahlukeni kwezinhlaka zokuhleleka kwayo kanye nobudlelwano bezinkampani nabasebenzi, izindayi zemali kanye nemikhiqizo.
- ↑ Cite error: Invalid
<ref>tag; no text was provided for refs named:0
