Ukhamba

Ukhamba Ukhamba lungachazwa njengesitsha esakhiwe saba indilinga esiyaye sisetshenziswe ukufaka utshwala besiZulu noma besintu.[1] Ukhamba lwakhiwa ngohlobo lwenhlabathi ebizwa ngokuthi ubumba. Le nhlabathi noma loludaka luvamise ukutholakala ezindaweni eziyimifula namaxhaphozi. Uma kwakhiwa ukhamba, kuthathwa loludaka lufakwe emanzini ukuze luthambe bese luyabunjwa lube indilinga, lushiswe ngomlilo ukuze luqine kahle lungahlephuki. Ukushisa ukhamba ngomlilo uma selubunjiwe kubaluleke kakhulu ngoba yikho okwenza ukuthi ukhamba luhlale isikhathi eside.[1]
Ukhamba luhlukene ngokwezinhlobo zalo, kukhona ukhamba olukhulu olubizwa ngokuthi yimbiza olusetshenziswa ukugcina utshwa obuningi obufakwa uma abesifazane bekade behluza. [2]Kuphinde kubekhona ukhamba oluncane olubizwa ngomancishana. Lolu uhlobo lokhamba oluvamise ukuthi lufake utshwala obuvame ukubekwa emsamo obusetshenziswa ukubika okuthile kwabaphansi noma emadlozini. Kuphinde kube khona ukhamba olukhulu olusetshenziswa ukufaka utshwala obuyaye bunikwe labo abasuke bezobungaza emcimbini noma nomndeni osuke wenze umcimbi.
Umlando nokusetshenziswa
[hlela | Hlela umthombo]Ukhamba njengesitsha esibalulekile emlandweni wakwaZulu, sisuselwa ekutheni kudala abantu ababephila ngaleso sikhathi babesebenzisa ubumba noma udaka ukwakha izitsha zabo njengoba kwakuphilwa ngalokhu okukhona. Njengoba utshwala buyingxenye ebalululekile yomlando wakwaZulu, babusetshenziswa kakhulu emicimbini nasemindenini, ngakho ke ukwakhiwa kokhamba kwakubalulekile ukuze luzokwazi ukusetshenziswa ukufaka noma ukugcina utshwala.3[3] Lungagcini ngokufaka utshwala, ukhamba lwalusetshenziswa ukufaka amasi.
Ukusebenza ngobumba kuyigxenye yomlando wesintu sakwaZulu njengoba leli kwakuyikhona elikhulu kulabo ababephila ngaleso sikhathi. Uma lwakhiwa luyahlotshiswa ngokuthi umbubi aqophe izinhlobonhlobo zamaphethi ezenza ukuthi lubukeke luluhle. Ukhamba lwaluyigugu futhi luseyigugu ngoba lwalungaqukulwa yinoma ngubani, kwakuba yinsizwa esuthi nenamandla eyayivame ukuluqukulu uma sekwabiwa utshwala buphakelwa izinsizwa nabanumzane abazobungaza emcimbini noma abazosingatha loyomndeni.
Imithombo yolwazi
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ 1.0 1.1 Zulu, Vusumuzi Alfred (2001) (in zu). Ucwaningo olunzulu ngenqina nokucebisa kwayo ulimi lwesizulu. https://hdl.handle.net/10530/264.
- ↑ Biyela, Thembinkosi Israel (2001) (in zu). Ucwaningo olunzulu lokuqhathanisa umculo kaMasikandi neSicathamiya njengobalulekile esikweni lesizwe samaZulu, kugxilwe kakhulu kuPhuzekhemisi kanye naMambazo Amnyama. https://hdl.handle.net/10530/291.
- ↑ Arthur, John W. (2014-09-01). "Beer through the Ages: The Role of Beer in Shaping Our Past and Current Worlds". Anthropology Now 6 (2): 1–11. doi:10.1080/19492901.2014.11728428. ISSN 1942-8200. https://doi.org/10.1080/19492901.2014.11728428.