UkuHlasela ngoDongoyi

Mayelana Wikipedia

UkuHlasela ngoDongoyi uhlobo lwempi yasemoyeni esebenzisa iziNdiza zempi eziswelumuntu (UCAV) noma iziNdiza eziswelumuntu (UAV) ezithengiswayo ezifakwe izikhali. ElaseMelika, elamaNgisi, elwakwa-Israyeli, elaseShayina, iNingizimu Koriya, i-Irani, elamaNtaliyane, elaseFulansi, elaseNdiya, iPakisitani, elaseRashiya, iThekhi, kanye nelasePholendi, ngamazwe aziwa ngokukhiqiza izindiza zempi eziswelumuntu ezisemgidingweni kusuka ngonyaka wezi-2019. Ngonyaka wezi-2022, umshumanqa wase-Ukreyni obizwa Ukroboronprom kanye nenhlangano eyi-NGO ebizwa Aerorozvidka sezakhe odongoyi abanekhono lokugadla futhi zabasebenzisa empini. Ukuhlasela ngodongoyi kungenziwa ngendiza yempi eswelumuntu ethengiswayo ngokuthi iqathaze uziqhumani, ihulukuqe ngesilabi, noma iphahlazeke esigcibisheni. Kusuka ekuntweleni kwalelikhulu leminyaka, iningi lezehlo zokuhlasela ngodongoyi zigunundwe umbutho waseMelika emazweni afana nase-Afganisitani, ePakisitani, eSiriya, e-Irakhi, eSomalia naseYemeni usebenzisa izilabi ezisuka emoyeni ziyephansi, kodwa ukuhlasela ngodongoyi sekusetshenziswa kakhulu ngelaseRashiya, i-Ukreyni, iThekhi, i-Azabheyijani kanye namaqembu alwayo afana namaHothi. Ukugadla ngodongoyi kuyasetshenziswa nasekusocongeni okuhleliwe ngamazwe ambalwa.

Ngowezi-2020 indiza eswelumuntu ekhandwe eThekhi egidlabezwe ngeziqhumane yahlonga futhi yahlasela amaviyo ka-Haftha eLibiya isebenzisa uhlakahlisombulu lwayo ngaphandle kwesiyalo, kusho umbiko wethimba lezingcweti ngeLibiya loMkhandlu wezokuvikela weUN, owashicilelwa ngondasa 2021. Lokhu kwathathwa njengokuhlasela kokuqala okwenziwe indiza eswelumuntu ngokusuka kuyo.

UkuGadla ngodongoyi[hlela | Hlela umthombo]

Weaponizing of DJI Phantom commercial videography UAVs