Ukucela Imvula

Mayelana Wikipedia

Ukucela Imvula leli isiko alebe lenziwa lapho lomise kakhulu, imvulaingabonwa isikhathi eside. Kwakushaywa izinkomo ezimnyama zodwa ziyiswe kuGuqabadele owayesanyanaga, Nguye kuphela owabe ukunisa izulu. Wayefika uGuqabadele azibulale izinkomo. Emva kwalokho wonke amadoda abefuka kuye aguqe ashaye uhobo.Khona sekunjalo uGuqabadele wayeuska akhulume noMvelinqangi acele imvula. Athi angaqeda-ke livuke ibandla liyokudla inyama yezinkomo ezimnyama. Emva kwaloko kuthiwa izulu lina kakhulu [1].

Ngaphandle kukuthi licelwe kuGuqabadele izulu lalibuye licelwe futhi nasezinyangeni zendawo. Kwezinye izindawo kwabe kuhutshwa amahubo akwaZulu, kuphume nezingane zichwaye zithi:"We Khulukhulwana, We Khulukhulwana, aline izulu, yimi engazalwa kuqala." Kuhtiwa nempela lalina [1].

Enye indlela yokucela imvula yilapho kwakuyiwa khona kwaMabelemade. Kuthiwa lenkosikasi kwakunguMjantshi. Abanye babethi lo nkosikazi unamabele amane, kepha beqinisa ngokuthi mabili kodwa made. UMabelemade wayehlala eNyakatho-Ntilasifali. Kwakufika amadoda eqhuba izinkomo, beses emzini kMabalemade kubaswa umlilo omkhulu. Lomlilo wawubaswa yintombi ezingakaqomi. Kuthathwe izimvu ezintathu ezimnyama ezingakakhweli, zishiswe kuwo lomlilo, kuthelwe nomuthi wokunisa izulu. Kubhuqe intuthu yenyukele phezulu. Kubuywe lokho obekwenziwa ekhaya kuyokwenziwa entabeni. Leli siko lalenziwa kubuthene sonke isizwe[1].

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. 1.0 1.1 1.2 E.S.Q Zulu, N.F Mbhele, V.O.S Radebe, A.B Mahlangu, C.P Nkosi. IsiZulu Soqobo. Reach Out Publishers. p. 194. |access-date= requires |url= (help)CS1 maint: Multiple names: authors list (link)