Jump to content

Ukucikiza okukhathumbukiso

Mayelana Wikipedia
Photo of an Apple Vision Pro, on a stand, with a battery. A man stands in the background in a blue shirt.
I-Apple Vision Pro umkhiqizo wokucikiza okukhathumbukiso wenkampani Apple

Ukucikiza okukhathumbukiso (okwenziwa isiCikizi esikhathumbukiso) kuyinoma yibuphi ubuchule obuhlukahlukene bokwenana abantu nezicikizi obuqondwa ngabasebenzisi njengokwenzeka ezweni langempela, ngaphakathi nangaphandle kwemizimba yabo kanye nezimo ezingokoqobo, esikhundleni sokuvinjelwa esihenqweni sesicikizi nokujolozela sona sodwa. Lo msukamqondo uphendukezela umkhuba owaziwayo wokufundisa abantu ukunanana nezicikizi ezimweni zezezibhangqiwe , futhi esikhundleni salokho ufundisa iziCikizi ukuba ziqonde futhi zinanane kangcono nabantu ngendlela engokwemvelo ezweni labantu. Lo msukamqondo uhlangana neminye efaka phakathi ingempela elandisiwe, ingempela elenezelwe, ingempela elixutshiwe, isixhakazimo somsebenzisi esingokwemvelo, ukucikiza komongo, kanye nokucikiza okundawozonke.

IziCikizi ezikhathumbukiso imvama zihlanganisa izihlonga—ezifana nezithwebula ze-RGB, izithwebula zobunzulu, izithungatha zomngakothathu (3D), imivo yokulinganisa ingwevamdiki, namanye amathuluzi—ukuze zihlonge futhi zithungathe imizimba yabantu abaseduze (kuhlanganisa izandla, izingalo, amehlo, imilenze, imilomo ) lapho kunokwenanana nabantu nezicikizi esikhaleni zomngakothathu. Ziphinde zisebenzise umbono wesicikizi ukuzama ukuqonda izigcawu zangempela zezwe, ezifana namagumbi, imigwaqo nezitolo, nokufunda izinhlanga, ukuqaphela Izinto, ukukhanda amabalazwe emingakothathu nokunye okuningi. Phezu kwalokho zisebenzisa iXR kanye neMR ukuze ijobelele ngokukhatha imifanekiso nenzwakalo yemingakothathu kulokho okubonwa futhi kuzwiwe umuntu ukuze athole ukwaziswa noma ikuphi kunokuthi ajolozele isihenqo esivamile somngakombili.