Ukudludlunga ulimi lwemvelo

Mayelana Wikipedia
Isilekeleli esihlelelekiwe sakuxhakaxholo esihlinzeka ngenkonzo kubakhozi ekhasini lolwebu, isibonelo sohlelokusebenza lapho ukudludlungwa kolimi lwemvelo kuyingxenye emqoka.

Ukudludlunga ulimi lwemvelo (noma DLM) kuwumkhakha oyingxenye yezolimi, inzululwazi yesicikizi, nohlakahlisombulu onake ukwenanana okuphakathi kwezicikizi nolimi olukhulunywa ngabantu, ikakhulukazi ekuhleleliseni izicikizi ukuze zidludlunge futhi zihlaziye amanani amakhulu wemininingo yolimi lwemvelo. Impokophelo iwukuba nesicikizi esikwazi "ukuqonda" isiqikili semibhalo, kuhlanganise neminingilizo yomongo yolimi ekuyo. Lobuchwepheshe bungakwazi ukugqoba ukwaziswa nemibono equkethwe emibhalweni futhi bukwazi ukujinja futhi buhlelembe imibhalo ngokwabo.

Izinselele zokudludlunga ulimi lwemvelo zivame ukubandakanya ukuhlonza izwi, ukuqonda ulimi lwemvelo, nokuphehla ulimi lwemvelo.

uMlando[hlela | Hlela umthombo]

Ukudludlunga ulimi lwemvelo kwaqala eminyakeni ye-1950, lapho u-Alan Turing eshicilela isibhalwa esinisehloko esithi "IziNguxa zokuCikiza nobuHlakani" "Computing Machinery and Intelligence", esaphakamisa lokho namuhla olwaziwa ngovivinyo luka-Turing njengenkomba yobuhlakani, nakuba ngaleso sikhathi kwakungavezwa njengenkinga ehlukile kuhlakahlisombulu. Isivivinyo esasiphakanyiswa sasihlanganisa umsebenzi obandakanya ukuhlakahla okuhlelelekiwe nokuphehlwa kolimi lwemvelo.

i-DLM engokomfanekiso (1950s – ekuqaleni kwe-1990s)[hlela | Hlela umthombo]

Isiphakamiso sokudludlunga ulimi lwemvelo (DML) okungokomfanekiso safinyezwa kahle kakhulu ngumgcanso wegumbi laseSahyina ka-John Searle othi: Uma uneqoqo lemithetho (isb. incwadi yemisho yesiShayina, enemibuzo nezimpendulo zayo), isicikizi sizolingisa ukuqonda ulimi okongokwemvelo (noma eminye imisebenzi ye-DLM) ngokusebenzisa leyo mithetho eminininingweni esibhekana nayo.

IziNdlelasu: imithetho, izibalomniningo, amaxhoxho wezinzwa[hlela | Hlela umthombo]

Ezinsukwini zokuqala, iningi lezimiso zokudludlunga ulimi zaziklanywe ngezindlelasu ezingokwezimpawu, okusho ukuthi, ngezinguqukezelo zesandla eziyiqoqoq lemithetho, ezintshiqwe namazwi esichazamazwi:[1][2] ezifana nokuloba ubhalomagama noma imithetho yesiqu sezwi.

  1. Template:Cite thesis
  2. Schank, Roger C.; Abelson, Robert P. (1977). Scripts, Plans, Goals, and Understanding: An Inquiry Into Human Knowledge Structures. Hillsdale: Erlbaum. ISBN 0-470-99033-3.