Jump to content

Ukugcinwa kwezilimi

Mayelana Wikipedia


Ukugcinwa kwezilimi: Ulwazi oluvulekile, lwasimahla nolutholakala kalula kubantu bonke

Ulwimi lwethu lwendabuko lukhuluma nezimpande zemvelaphi yethu, futhi lukhombisa ukuthi noma singazithola sikuphi nomhlaba, singawuthola umyombo walo kulokho esikwenzayo. Kuyiqiniso ukuthi izilimi zendabuko eziningi zisengcupheni yokushabalala. Ngokwezibalo silahlekelwa ulwimi olulodwa emhlabeni njalo emavikini ayisithupha.

Lezi yizindlela ezimbalwa ezingasiza ukulondolozwa kwezilimi.

“Kunesisho esithi lugotshwa lusemanzi” kungakuhle uma izikolo zingasebenzisana nabazali abanolwazi ngezilimi ikakhulukazi ezisemabangeni aphansi, zibanike ithuba lokwabelane ngamaqiniso ngezimbali zalezi zilimi.

Ekwenzeni lokhu, izingane zizokhula zinefa lolwazi, zize zigcine zibhale futhi zishicilele izincwadi zezichazamazwi okanye zezisho ngosizo lwezo Mnyango wezeMfundo. Lokhu kuthuthukisa ulwazi olungatholakala kalula nakwezinye izizukulwane.

Ekugcineni, ukulonda izilimi zethu kuqinisekisa ukuthi izizukulwane ezintsha zithole ifa elicebile lolwazi ngezimbali zezilimi zazo.

References

“Preserving Languages.” Wikipedia, The Free Encyclopedia, 27 May 2024

https://en.wikipedia.org/wiki/Language_preservation