Ukuhloniphisa (Zulu Euphemism)
Isihlonipho phecelezi (IsiNg:euphemism) esiZulwini sisetshenziswa uma kunongwa ulimi, kujuliswa inkulumo okanye siyaye sihloniphise. Esikhathini esiningi KwaZulu amagama okuhloniphisa abantu babeziqambela wona ngoba isimo ngaleso sikhathi singabavumeli ukuthi baphimise egama eliqondile elaziwayo.
Utshani = ingca
Umfana = umchakisana
Ikhanda = ichozo
Isikhombisa = inca
Isishiyagalombili = isibhozo
Isishiyagalolunye = ithoba
Inkukhu = imbabhama
Imbuzi = incololo/ingqayi
Imfene = incakala
Phansi = chinsi
Udaka = igxusha
Inkabi = iqabi
Inyathi = inqumbe
Imbongolo = ingcwangcwasi
Indlu = ingxumba
Amasi = amagcubane
Iqanda = ichobozi
Umuntu = umusho
Inkomo = imeshe
Ikati = incwabi
inja = ingcanga
Intethe = ingqasho
Thakatha = sokoca
Impisi = incuke
Amanzi = amayila/amacwaka/amacubane/amavoti
Isihlahla = isiciwu
Chama = shobinga
futhi amanye amagama anezincazelo ezahlukene phecelezi Ambiguity Bona nje:iqanda Indoda : Injeza