Ukuhumusha

Mayelana Wikipedia
The Rosetta Stone (enhanced-contrast image)

Ukuhumusha ngenye yezindlela ezindala zokwenza abantu abakhuluma izilimi ezingefani bezwe noma bafunde umbhalo bathole umqondo ofanayo.Ubufakazi bokuthi ukuhumusha ngenye yezindlela zokwenza ukuxhumana kube lula phakathi kwabantu abakhuluma izilimi ezingafani ibhayibheli. Ibhayibheli umbhalo omdala kakhulu, labo abalifunda ngesiZulu bafunda isihumusho kanjalo nabezinye izilimi. Uma umuntu ecaphuna amavesi ebhayibhelini noma ngabe elesiNgisi noma isiZulu basho into efanayo.

Umuntu ohumushayo uhlale asengcupheni yokufakela amagama wolimi alihumishayo engazimisele, angafakela amagama, ubhalomagama, ukuhleleka kwamazwi, olimi ahumushela kulo. Kolunye uhlangothi, ngezinye izikhathi "amachaphazi" anjengalawa kube ukuthathwa kwamagama ayimfakela aphenduka imifakela enothisa ulimi okuhunyushelwa kulo. Abahumushi, kuhlanganisa nabahumushi bangaphambili bemibhalo engcwele, baba usizo ekubumbeni izilimi abahumushela kuzo.