Ukuthonza

Ukuthonza ubuchule obenza ukuhamba kwemisebe kuqoshwe ngenhloso yokuphinde kwakhiwe kamuva. Ukthonza kwaziwa kangcono njengendlelasu yokuphehla izithombe zangempela zemiyinge emithathu, kodwa kusetshenziswa nakwezinye izinto ezinhlobonhlobo. Ngokwesimiselo, kuyinto elula ukuba kukhandwe isithonza nganoma yiliphi uhlobo lwamaza.
Isithonza senziwa ngokubeka imisebe yesibili phezu kwemisebe yokuqala, ngokwenza lokho kuphehleka isifaniselo somphazamo esiqoshwa kwinsizakuxhamana yoqobo. Lapho imisebe yesibili iqala ukukhanyisa isifaniselo somphazamo, uyahlakazeka ukuze kwakheke kabusha imisebe yendabuko. Izithonza zingaphehlwa nangesiCikizi ngokunonga imisebe yomibili bese ihlanganiswa ngokwezezibhangqiwe. Isithombe sezezibhangqiwe esizokwakheka lapho sizoshicilelwa kwifilimu bese sikhanyiswa umthombo ofanele ukuze kwakheke kabusha imisebe yokuqala.