Ukungcweka

Mayelana Wikipedia

Ukungcweka umdlalo omdala wakwaZulu wokuvivinyana amandla nobuchewpwshe bokudlala induku. Abafana bayaqhathwa kodwa abazisebenzisi izinduku, lapha kusuke basuke befundiswa ukuvika kanye nokigadla. Kulomdlalo kusetshensiswa izinduku uma abafana sebekhulile beyizinsizwa. Khona induku yokuvika kanye ngeyokugadla insizwa.

Udlalwa Kanjani lomdlalo[hlela | Hlela umthombo]

Kwakukuthi lapho izinsizwa ihlangana enye iyaye ibuze enye ithi: "Uyiliphi?" uma iphendula ithi "Ngelendoda", kuphakanyiswa izinduku kubhulwane, ongazi angaze athi bayalwa okanye bayaxabana. Kuthi lapho kwenzeka iphendula khona ithi "Ingelomfazi", akwenziwa lutho lokhu kwakutshengisa ukuthi iyesaba. Uma kenzeka kwaliwa, lapho sekukhona insizwa esikhathele unkungcweka iyaye imemeze ithi: "Malushu!" lapho izinduku zibekwa phansi iphakamise nezandla ukutshenginsa ukuthi isidelile.