Ukuqavitha kuxhakaxholo

Mayelana Wikipedia
Kulolu hlelo olujwayelekile lokuqavitha kuxhakaxholo, inkweza engakwesokunxele ibonisa uhlu lwezithintwa, futhi inkweza engakwesokudla ibonisa ingxoxo phakathi komsebenzisi nomunye walabo abayizithintwa.

Ukuqavitha kuxhakaxholo ibizo elingabhekisela kunoma yiluphi uhlobo lokuxhumana olwenzeka kuxhakaxholo oluhlinzeka ngokufufukiswa kwemiyalezo yemiqhafazo okusheshayo kusuka kuthumelayo kuya kothunyelelwayo. Imiyalezo yokuqavitha ngokuvamile ilufuphi ukuze labo abahlanganyela ekuthumeleni basheshe bayifunde futhi basabele kuyo. Ngalokho, kudaleka umuzwa ofana nokuba nengxoxo yangempela, okuyinto ehlukanisa ukuqavitha nezinye izindlela zokuxhumana ezinkundleni zoxhakaxholo nangencwazuba ngomqhafazo. Ukuqavitha kuxhakaxholo luhlanganisa ukuxhumana kwabantu ngapha nangale kanye nokuxhumana ngokusakaza kwabaningi, kanye nokuqavitha ngezwi noma ngombukiso, noma kungaba ulwangu lwenkonzo yolwebu yokungqungquthela (conferencing).