Ukusetshenziswa kolimi lwebele ukufundisa ezikoleni
Ulimi luthathwa njengesikhali esibaluleke kakhulu ekudaleni ukuxhumana phakathi kwabantu. Ngaphandle kwalelithuluzi bekungeke kube khona ukuxhumana phakathi kwabantu ezweni lonke jikelele. Usozilimi wase Melika u Don Evrett (2017)[1] uthi yiso lesi sikhali esiwulimi esenza isidalwa esingumuntu sehluke kwezinye ngoba sona siyakhuluma futhi siyacabanga bese senza, sigunyazwa ulimi. Uchaza ulimi njengobuchwepheshe obasungulwa ngumuntu ukwenza impilo ibelula. Kunemithetho nemigomo yolimi okumelwe ilandelwe ukuze ulimi luzwakale, luqondwe yilabo abalusebenzisayo. Le mithetho nemigomo iyisizinda sokuqonda nokuzwana phakathi kwalabo abasebenzisa ulimi. Ulimi luncike kakhulu kwezosiko kanye nezenkolo, ngoba ngolimi lolo umuntu asuke elukhuluma siyakwazi ukuthi sidalule uhlanga kanye nesizwe asuke evela kusona. Kunungi futhi umuntu angakhuthola uma kubhekwa ulimi olusetshenziswa ngumuntu, okungaba iminyaka kanye nobulili.
Ukuhleleka Kolimi
[hlela | Hlela umthombo]Ngokocwaningo kugcizelelwa ukuba abafundi balandele imithetho nemigomo yolimi ukuze balukhulume futhi balubhale kahle. Ulimi lunemikhakha ehlukene elandelayo, isayensi yolimi, kanye nomkhakha wemisindo yolimi. Isayensi yolimi ingumkhakha lapho ulimi lucwaningwa luhlaziywe khona ngezindima noma ngemikhakha ulimi oluhlukaniswa ngayo ngoSozilimi (linguists). Ulimi kumele lwaziwe kabanzi ukuma kwalo (structure) nokusetshenziswa kwalo. U Emma Pavey (2017)[2] uchaza kabanzi mayelana nokuhleleka lolimi olutholakala noma oluvela uma umuntu enkulumeni yomuntu, uthi lokhu kuhleleka kuyazenzakalela ngaphandle kwenhloso futhi yikho okudala ukuthi sikwazi ukubona amaphutha asuke enziwa ngomunye umuntu uma ekhuluma noma ebhala.