Ukusha
Ummomo
(Redirected from Ukushisa)

Ukusha, kuwukusabela kwevanga kwezingakushisa eliphezulu okwenzeka phakathi kwesivamelo kanye nesithuhlisi (oxidant), okuvame ukuba isOhwe, esikhiqiza imikhiqizo ethuhlekile (oxidized) yohowo oluba yingxenye yentuthu. Ukusha kwesinye isikhathi akuwuvezi umlilo, ngoba ilangabi livame ukubonakala uma iziqa ezishayo zihwamuka, kodwa lapho kuveza umlilo, ilangabi liba yinkomba yokusha. Nakuba isidlakalasi sokokhela sidingeka (njengozwathi lomlilo), ikhoza lamalangabi lingahlinzeka isidlakalasi esanele sokwenza ukusha kuqhubeke. Isifundo esicwaninga Ukusha sibizwa ngokuthi Inzululwazi yokusha.