Ukutolika

Mayelana Wikipedia

Ukutolika indlela yokudlulisa umyalezo phakathi kwabantu abakhuluma izilimi ezingafani. Iskhathi esiningi abantu bavamise ukuphambanisa ukutolika nokuhumusha. Lezi izinto ezimbili ezihlukene kodwa zombili zincike olimini kanye nase kushintsheni umyalezo usuka kolinye ulimi uya kolunye. Ukutolika kuyizinhlobo ezimbili kukhona indlela yokutolika lapho khona utolika elinda isikhulumi sikhulume ebese siyathula athathe lapho utolika, bese kuba enye indlela lapho utolika ekhuluma "cishe" ngesikhathi esifanayo nesikhulumi.

Kulendlela yokuqala bakhuluma ngokushintshana utolika nesikhulumi, kanti kweyesibili akudedelwana kodwa khona kunjalo utolika akahambisani ngqo nesikhulumi. Ukutolika kungabukeka njengengento elula futhi engenziwa inoma ubani kodwa cha akunjalo. Ukutolika kungumkhakha ofundelwayo, ngoba kunezindlela ezilandelwayo uma kutolikwa umuntu angeke nje avele azazi ngaphandle kokuqeqeshwa.

Zikhona izikhungo zemfundo ephakeme ezicija abantu kulomkhakha.