Ukuxhumana

Mayelana Wikipedia
Conversation between two businessmen
Sign language
Written communication
Bird calls
Bee communication
Pioneer plaque
Kunezindlela eziningi zokuxhumana, ezihlanganisa ulimi lwabantu lwemisindo, izandla, nokubhala izimpawu, izilwane ezinanana ngokwaziswa, nemizamo yokuxhumana namankengane

Ukuxhumana noma ukucobelelana , ngokuvamile kuchazwa ngokuthi ukudluliswa kokwaziswa phakathi kwabantu ababili noma ukweqa, kusukela kumthumeli kuya kumthunyelwa/abathunyelwa ngokusebenzisa enye yezindlela ezilandelayo zokuxhumana.

• Ukuxhumana okubonwayo (ngokusebenzisa ukuma komzimba nezandla) • Ukuxhumana ngemisindo (njengolimi lwabantu, kodwa kungaba nangokukhonkotha kwenja) • Ukuxhumana ngokuthinta • Ngokusebenzisa iphunga • Ngokubhala

Ukuxhumana kungaba okukhulunywayo (izwi) noma okungakhulunywa (ukumoyizela). Ukuxhumana kwenzeka ngezindlela eziningi ngazikhathi zonke. Akubona abantu kuphela abaxhumanayo, iningi lezilwane nazo ziyaxhumana.