Ukuxhumana
Kunezindlela eziningi zokuxhumana, ezihlanganisa ulimi lwabantu lwemisindo, izandla, nokubhala izimpawu, izilwane ezinanana ngokwaziswa, nemizamo yokuxhumana namankengane
Ukuxhumana noma ukucobelelana , ngokuvamile kuchazwa ngokuthi ukudluliswa kokwaziswa phakathi kwabantu ababili noma ukweqa, kusukela kumthumeli kuya kumthunyelwa/abathunyelwa ngokusebenzisa enye yezindlela ezilandelayo zokuxhumana.
• Ukuxhumana okubonwayo (ngokusebenzisa ukuma komzimba nezandla) • Ukuxhumana ngemisindo (njengolimi lwabantu, kodwa kungaba nangokukhonkotha kwenja) • Ukuxhumana ngokuthinta • Ngokusebenzisa iphunga • Ngokubhala
Ukuxhumana kungaba okukhulunywayo (izwi) noma okungakhulunywa (ukumoyizela). Ukuxhumana kwenzeka ngezindlela eziningi ngazikhathi zonke. Akubona abantu kuphela abaxhumanayo, iningi lezilwane nazo ziyaxhumana.