Jump to content

Ukwenziwa koMqombothi

Mayelana Wikipedia

Ukwenziwa koMqombothi esizweni samaZulu sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba. Uma Sikhuluma ngoMqombothi sisuke sikhuluma ngotshwala besiZulu obenziwa ngezandla emakhaya.

Umqombothi

Izizathu Zokwenziwa KoMqombothi.

[hlela | Hlela umthombo]

ziningi izizathu zokwenziwa koMqombothi eNingizimu Afrika noma emakhaya esphila kuwo.Okokuqala singabala ukuthi uMqombothi wenziwa uma ekhaya kuzoba nomsebezi othile ozobangela ukuthi kube nabantu abazoba khona bezoneseka.Esikhathini samanje kodwa sewuvele wenziwe noma kungeke kube khona umsebenzi othile ekhaya, bayawenza emakhaya bewenzela ukuwudayisela abantu ukuze bethole imali yokuya ngasethunjena noma bexoshe ikati elilele eziko.

Wenziwa kanjani uMqombothi.

[hlela | Hlela umthombo]

Uma kwenziwa uMqombothi kuyiwa ehlathini kuyolandwa izinkuni ukuze kuzobaswa umlilo phandle ngoba awenziwa ezitofini. Okunye futhi ngaphambi kokuwenza kumele uthenge izinto ezithile ozozifaka njengoshukela, impuphu kanye nemithombo.Abanye bayadideka ukuthi uma sikhuluma ngemithombo sikhuluma ngani,uma sikhuluma ngemithombo sikhuluma ngento eyenza ukuthi uMqombothi wakho ubile ukuze uzozwakala kahle kulaba abazowuphuza.[1]

IZINKOMBA

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://thegrace.co.za/umqombothi-recipe/