Umbikombani
Umbikombani (noma i-meyili) uyindlela yokuthumiselana imilayezo phakathi kwabantu ngokusebenzisa izisebenziso zombani ("electronic devices"). Umbikombani wadalwa njengohlobo lokuthumela imiyalezo olwaluhlobene nezincwadi zephepha. Emuva kwesikhathi umbikombani waphenduka ube yindlela esetshenziswa kakhulu ukuxhumana nabantu nokubathuma imininingwane nemilayezo. Manje, umbikombani uyisisekelo seningi lezinhlangano nemisebenzi emhlabeni, futhi uneqhaza elibalulekile kwezezifundo, ezokungcwebeleka, nezinye zezigaba zempilo nenhlalo yabantu eningini lamazwe omhlaba jikelele.