Umbono wephako lezimbulu

Mayelana Wikipedia
Isicabangelo somdwebi esiqhathanisa izimbulu nabantu

Izimbulu (ezibizwa ngokuthi amaChitauli ngesishona) ziyizihuquzi ezingabantu noma ezisamuntu ngommomo, ezineqhaza eliphambili kwizicatshangwa, izinganeko zenzululwazi, ezezindiza ezingahlonziwe, nemibono yephako. Umbono wezimbulu wenziwa isibunge ngu-David Icke, usomibono yephako ofundisa ukuthi amankengane ayizimbulu ezimbuluzayo (shapeshifting reptilian aliens) alawula umhlaba ngokuthatha isimo somuntu nangokuzuza amandla wezombusazwe ukuze athonye imiphakathi yabantu. U-Icke ngamahlandla amaningi, useveze ukuthi abaholi abaningi bezwe, bakhwelwe yizona lezimbulu.

Indabuko[hlela | Hlela umthombo]

U-Michael Barkun, usolwazi wenzulukwazi yezombusazwe enyuvesi yase-Syracuse, uveza ukuthi umbono wephako lezimbulu udabuka enganekweni ka-Conan the Barbarian eyadalwa ngu-Robert E. Howard, endaweni yakhe ethi "The Shadow Kingdom", eyashicilelwa encwadini ebizwa Weird Tales ngoNcwaba we-1929. Lendaba yayithatha imibono yolwazi olungcwele (theosophical ideas) emayelana "nezwe elalahleka" lase-Atlantis nase-Lemuria, ikakhulukazi encwadini ethi 'The Secret Doctrine' ka-Helena Blavatsky eyabhalwa ngowe-1888, enamaphatho "ngabantu-nzawu" abake baba yisizwe esiphucukule esinamandla ezwekazini iLemuria".

"Abantu nyoka" baka-Howard bachaziswa ngokuthi basabantu (banemizimba yabantu namakhanda ezinyoka) ababemekhono lokulimgisa abantu uma bethanda, nababehlala emigudwini engaphansi komhlaba nababesebenzisa amakhono wabo wokumbuluza nokulawula umqondo ukuze bafohle phakathi kwabantu. U-Clark Ashton Smith wasebenzisa "abantu-nyoka" baka-Howard ezindabeni zakhe, Kanye nezihloko ezivela ku-H. P. Lovecraft, kanti futhi bobabili, uHoward beno-Lovecraft babeka Isisekelo sezindaba ze-Cthulhu Mythos.

Eminyakeni ye-1940, uMaurice Doreal (owaziwa nangokuthi u-Claude Doggins) wabhala ipheshana elinesihloko esithi "Imithinziyelo kaGobi" ("Mysteries of the Gobi") elachazisa "ngohlanga nyoka" olunemizimba enjengeyabantu...namakhanda...anjengawenyoka enkulu" kanye nekhono lokuthatha isimo somuntu. Lezidalwa zavela nasenkondlweni kaDoreal ethi "Izibhebhe zesimaragidu" ("The Emerald Tablets"), lapho ebhekisela ezibhebheni zesimaragidu ezabhalwa "nguThoti, inkosi-mpristi yase-Atlanta". U-Barkun uqinisa ngokuthi "ngakho konke ukufana", amasu ka-Doreal ayevela kwethi "Umbuso wethunzi" ("The Shadow Kingdom"), futhi ngokufanayo, "Izibhebhe zesimaragidu " zabumba isiseko sencwadi ka-David Icke ethi, Abantwana bobumeko (Children of the Matrix).

Usolwazi uEdward Guimont uphika ngokuthi umbono wephako lezimbulu, ikakhulukazi njengoba liqangqwa ngu-Icke, wawugqoba ezinganekweni zengunanyali (pseudohistorical legends) ezathuthuka esikhathini sobukoloni base-Afrika, ikakhulukazi eduze naseZimbabwe enkulu kanye no-Mukele-mbembe.

Ukuthunjwa amaNkengane[hlela | Hlela umthombo]

Izindaba zokuthunjwa kwabantu amankengane ngezinye izikhathi kuthiwa kusuke kuyizimbulu. Omunye umbiko wangaphambili wawuqhamuka eAshland, lapho iphoyisa laseNebraska uHerbert Schirmer, owakhumbula ukuthi ngaphansi komlutho wathathwa wangeniswa endizeni engahlonziwe ngowe-1967 izidalwa ezisabantu ezinommomo wezimbulu, ezazigqoke izinhlanga "zendlondlo enophaphe" ngakwesokunene sezifuba zaso. Abagxeki bathatha akushoyo ngokuthi impunge ( hoax).