Jump to content

Isichazambhalo

Mayelana Wikipedia
(Redirected from Umchazamibhalo)
Amathala e- University Library yaseGraz

Isichazambhalo njengoqeqesho, ngokwesiko lakwangqondonkulu luwukucwaningwa kwezincwadi njengezinto eziphathekayo, nezingokwesikompilo; ngalomqondo lungabizwa nangokuthi isichazancwadi. Umbhali nomchazimbhalo uJohn Carter wachazisa isichazambhalo njengebizo elinemiqondo emibili: owokuqala, lisho uluhla lwemibhalo noma izincwadi zokufunda okuqhubekayo noma imisebenzi ecutshungulwa umbhali (isichazambhalo esinanisayo ; omunye umqondo, osebenza kubaqoqi, usho "ucwaningo lwezincwadi njengezinto eziphathekayo," futhi usho "incaziso ehlelekileyo yemibhalo njengezinto" (noma isichazambhalo esichazisayo).

uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Ibizo elithi isichazambhalo liyazichaza ngokwalo ukuthi incazelo yalo igabele ngakuphi, ukuchaza imibhalo. uMlando walomkhakha usitshela ukuthi kusuka endulo, lapho izincwadi zisafaniselwa ngesandla, nasekhuwlini le-12 lapho "ukulotshwa kwezincwadi okungubuqhebeqhebe bengqondo" kwakusetshenziswa igama elifanayo. Kodwana incazelo yaleli bizo yanamuhla ivela ekhulwini le-17, okuyincazelo yokuchaza imibhalo noma izincwadi.[1] Kuyimanje, lomkhakha woku chaza imibhalo siwande ngezinga elihlanganisa nezifundo ezicubungula incwadi njengento ngokwayo.[2] Isichazamibhalo, empishekelweni yako ehleliweyo yokuqonda indulo kanye nemanje ngemibhalo elotshiwe neshicilelwe, sichazisa indlela yokumonyula ukwaziswa kuleyo mibhalo. Abachazimibhalo banelukuluku lokuqhathanisa izihlelwa zeziqakaqo kunokuthi bahlakahle umqondo wazo noma bahlole ubumqoka bazo.[3]

Umkhakha wemfundo

[hlela | Hlela umthombo]

Umchazambhalo uyisici esikhethekile senzululwazi yomtapolwazi (noma INzululwazi yoMtapolwazi noKwaziswa) kanye nenzululwazi wezibhalo. Wasungulwa umlisa obizwa Paul Otlet (1868–1944), owasungula umkhakha wezibhalo, okuyigatsha lenzululwazi yokwaziswa, futhi owabhala ngokuphathelene "nenzululwazi yomchazambhalo".[4][5] Kodwana, kukhona abathi lomkhakha womchazambhalo ofile, futhi awandile kakhulu. Kodwa uHjørland wawuvikela lomkhakha ngowezi-2007.[6]

Ucwaningo olungakanisayo lomchazambhalo lubizwa inhlolambhalo (bibliometrics)[7][8] futhi lusetshenziselwa ukwenza izinqumo ezinkulu zeqoqo ezifana nokucisha izicikicelo. .[9]

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Blum, Rudolf. Bibliographia, an inquiry into its definition and designations. Translated by Mathilde V. Rovelstad. Chicago, Ill.: American Library Association; Folkestone, Kent, England: Dawson, 1980. p. 12. ISBN 0-8389-0146-8.
  2. Studies in Bibliography. http://etext.lib.virginia.edu/bsuva/sb/ Archived 2012-04-14 at the Wayback Machine.
  3. O'Hagan Hardy, M. (2017). Bibliographic enterprise and the digital age: Charles Evans and the making of early American literature. American Literary History, 29(2), 331-351.
  4. Otlet, P. (1903). Les sciences bibliographiques et la documentation. Bruxelles, Institut international de bibliographie.
  5. Otlet, P. (1903). "The science of bibliography and documentation"2. In Rayward, W.B. (trans. and ed.), (1990), International organisation and dissemination of knowledge: Selected essays of Paul Otlet. FID, Amsterdam: Elsevier.
  6. Hjørland, B. (2007). "Arguments for 'the bibliographical paradigm'. Some thoughts inspired by the new English edition of the UDC", Information Research, 12(4) paper colis06. [Available at http://InformationR.net/ir/12-4/colis06.html Archived 2018-02-03 at the Wayback Machine.]
  7. McKenzie, D. F. (1999). Bibliography and the Sociology of Texts. Cambridge: Cambridge University Press.
  8. Gow, A. S. F. A. E. Housman: A Sketch. Cambridge: Cambridge University Press, 2011. Print
  9. Denise Wolfe (2020-04-07). "SUNY Negotiates New, Modified Agreement with Elsevier - Libraries News Center University at Buffalo Libraries". library.buffalo.edu. University at Buffalo. Archived from the original on 2020-12-06. Kulandwe ngomhlaka 2020-04-18. Unknown parameter |url-status= ignored (help)