Jump to content

Umfula

Kubuya ku Wikipedia
uMfula uThukela
Imifula eseningizimu nesifundazwe saKwaZulu

Umfula umzila wamanzi ogeleza ngokwemvelo phakathi nezwe, noma phakathi komgede, imvamisa wakhiwa amanzi angenatswayi futhi ugelezela endaweni esezansi efana nolwandlekazi, ichibi noma omunye umfula. Kwezinye izimo, umfula uyoma ungakafiki lapho uchithela khona, uphelelwe ngamanzi, noma ugeleze ngesikhathi ezithile zonyaka kuphela. Imifula emincane kungabhekiswa kuyo kusetshenziswa amagama anjengemifudlana, isifufula noma umlambo. Imifula ilawulwa umjikelezo wamanzi, okungumdludlungu wokujikeleza kwamanzi eMhlabeni. Amanzi agcwala emifuleni ngokuna kwemvula, noma ngokuhululeka asuka ezimbandeni, ngokuncibilika kwamaqeqeba weqhwa, noma ngokumfimfa ephuma ngaphansi kobuso boMhlaba.

Imifula igobhoza emizileni yamanzi bese ihlangana emaxhumeni (confluence) ukuze yakhe izibishaziba (drainage basins), lapho khona amanzi aqoqana khona ukuze agobhozele endaweni eyodwa. Izibishaqembulo (drainage divides) zigcina imifula yahlukene kweminye imizila yamanzi futhi yenza amazi avela phezulu agobhoza ngesibishaqembulo ukuba angene emizileni osezansi. Imifula inamandla wokukhinyabeza ukuma kweze eliwazungezile. Kwezinye isikhathi iyachichima idle izindwani yeqe ugu lwayo futhi ikhukhule izindawo eziseduze, isakaze imisoco kulezo zindawo. Impephala yodanga (alluvium) egudlwa umfula nayo iyasiguqula isimo sendawo ezungezile, yakhe umahlukanamfula neziqhingi zomfula lapho ukugobhoza kusililiza khona. Imifula akuvamile ukuthi igobhoze iqombothe, kunalokho iyabhena, igwincize: futhi ukuma kogu lomfula kungaguquka noma yinini. Imifula ithola impephala yodanga ngemvuthuluka, okuyiyna egweda amadwala kube imigwila nezigodi.

Imifula ibilokhu inanakekela abantu nezilwane izinkulungane zeminyaka. Iziphili ezihlala eduze noma phakathi emfuleni ezifana nezinhlanzi, izitshalo zasemanzini, izinambuzane zonke zineqhaza ezilibambayo ngokwehlukene, kuhlanganisa ukudludlunga izithako zemvelo nokuzingelana. Imifula ikhiqizela aantu izinsizakusebenza eziningi, ezihlanganisa ukudla, ezokuthtutha, amanzi wokuphuza, nezokuzilibazisa. Abantu bakwazile ukungcikisha imifula ukuze bavimbele izikhukhula, banisele izitshalo, futhi bakhiqize amazubomjilimba ngamadamu. Abantu bayamanisa imifula nempilo nenzalo futhi banezinkolelo ezinamandla ngemifula. Babuye balwe nezimpi ngenxa yayo.

Amagama wemifula yaKwaZulu

[hlela | Hlela umthombo]

Amandawe

Amahlongwa

uBivane

iNcome

uMsuluzi

uMzinyathi

iNgwagwane

iBisi

iFafa

iGubazi

uMadlozana

iNdwe

iMpongoza

uMkhabazo

iNtambane

iNcwanakazi

IMpambanyoni

uMthwalume

iLovu

iNzinga

Bushman

iHluhluwe

Intombe

uMhlungu

iNzimane

iMfule

uMatigulu

iPholela

iBilanhlolo

iHlimbithwa

Maukwana

uGobhogobho

iMabane

uMzinsangu

iJojosi

iHoqo

iNondweni

uMvumankala

iNyakaza

uMhlungwane

iNdezi

iNdaka

iNtenjane

uMzinhlava

iVungu

uMtilombo

iSezela

uMzinto

eZotsha

iNcandu

iMvuzane

uMsimbazi

uMkhumbane

uMgababa

eManzamnyama

uMbango

uMagogo

eMahobe

iNhlabane

uMthonjaneni

Inselenyana

Inseleni

iNdawana

eNgudwini

eDobela

iNonoti

iNtshambili encane

iNtshambili enkulu

iNyane

iNsezi

iJozini

Isikhwebezi

Isikhwebezane

iNhlambamasoka

iBululwane

uMbango

uMbizana

uMbodi

uMbokodweni

uMdesingane

uMdlotane

uMdloti

uMdumbe

uMgobezeleni

uMgwalana

uMhlabatshane

uMlalazi

uMlaza

uMhlali

uMhlathuze

uMhlathuzana

uMtshezi

uMbulombe

iNsane

iMpukunyoni

iMbongolwane

iCubhu

uMmolokohlo

iTholeni

iNgula

uMzimkhwane

iQuha

uMabhongo

uMuncumuncu

uMkomazi

uMkhuze

uMngeni

uMpofana (mooi)

uMpenjati

uMsunduzi

uMtamvuna

uMugwenya

uMtontwane

uMzimkhulwana

uMzimkhulu

uMzumbe

iNgagana

iNgwavuma

iNsuze

iNswamanzi

iNyalazi

iNyoni

Umhlanga

uPhongolo

iSandlundlu

uThongathi

uThukela

uMbilo

uMfolozi

uMfolozi omnyama

uMfolozi omhlophe

uMvoti

uVuzana

iWela

iMona

Amaphophoma

Umsimbazi

uMlambonja

Injesuthi

uNkankazane

uSuthu

iHhweba

uHlanjana

iLotheni

Izimbuzi

uMdlelanga

Inkonisa

iMbizwe

uMkhohlwa

uMkhobeni

uMzinsangu

iSithunjwana

iNcibidwana

uMzinyashana

iNgwavuma

iSampofu

uMkhondo

Zinkwasi

Sundays

Kaba

Koshwana

Bheka futhi

[hlela | Hlela umthombo]