Umfundindalo

Umfundindalo (noma umchazindalo) ungusonzululwazi onobuchule emkhakheni womchazandalo, ohlanganisa ukunanana phakathi koTho nesidlakalasi kuyo yonke imilinganiso yobude nesikhathi ubude nesikhathi kumkhathilibe.[1][2] Abafundindalo ngokuvamile banesithakazelo esisuseni noma imbangela yesimongotho, futhi bahlela ukuqonda kwabo besebenzisa umchazazibalo. Umsebenzi wabo uhilela imikhakha eminingi ehlanganisa: umkhakha wamaChwe, nowezinhlayiyana zeChwe, kanye nomchazandalo wempilo. Lo mkhakha uvame ukuba nezinhlobo ezimbili zabafundindalo: Umfundindalo womgcanso, onobuchule ekuqapheleni Isimongotho semvelo nasekuthuthukiseni isihlaziyo semigcanso, owesibili Umfundindalo womchachiso, onobuchule ekunongozeni ngokomchazazibalo zonke izimiso zemvelo ukuze ahluze, achaza futhi aqagule isimongotho semvelo.[1]
Abafundindalo bayakwazi ukusebenzisa ulwazi abaanalo ekuxazululeni izinkinga noma ekuqambeni ezobuchwepheshe ezintsha ,Umchazandalo osetshenziswayo noma Umchazandalo ongcikishayo).[3][4][5]
- 1 2 Rosen, Joe (2009). Encyclopedia of Physics. Infobase Publishing. p. 247.
- ↑ Template:Cite Merriam-Webster "a scientist who studies or is a specialist in physics"
- ↑ "Industrial Physicists: Primarily specializing in Physics" (PDF). American Institute for Physics. October 2016.
- ↑ "Industrial Physicists: Primarily specializing in Engineering" (PDF). American Institute for Physics. October 2016.
- ↑ "Industrial Physicists: Primarily specializing outside of STEM sectors" (PDF). American Institute for Physics. October 2016.