Umkhombe

Mayelana Wikipedia
Imikhombo (Ceratotherium simum) emibili eKruger National Park.

Isingeniso: Kukhona izinhlobo ezimbili zobhejane eNingizimu Afrika, umkhombe (ubhejane omhlope) (Ceratotherium simum) nobhejane omnyama (Diceros bicornis). Le mibala ayachazi obhejane babili bampunga.[1] Ngokumlando, ulimi lwesiBhunu ibiza ubhejane omhlope ngokuthi “weid (lips)” okungukuthi ubhejane onezindebe ezibanzi. AmaNgisi akaqondanga ukuthi leli gama “weid” lithini, acabanga ukuthi lithi “white”. Abanye abantu babiza lobhejane ngokuthi “square-lipped rhinoceros” bese ukuthi omnyama bawubize nge”hook-lipped rhinoceros”. Ubhejane omnyama unegama le ngoba maqondana nobhejane omhlope.[2]

Izinhlobo zobhejane zahlukene kakhulu. Kukhona obhejane omhlope obizwa ngokuthi imikhombe. Imikhombe ithanda ukuhlala kanye kanye futhi banezinhliziyo ezinkulu. Obhejane obunyama bahlala bodwa futhi kulula ukubathukuthelisa. Imikhonde inamakhanda amakhulu futhi aphansi. Amawundlu abo ahlukene futhi, amawundlu yemikhombe igijima phambi kunina. Amawundlu yobhejane omnyama igijima emuva kunina. [3]

Isikhungo: Ngokumlando babebaningi obhejane e-Afrika kodwa abantu base-Asia nase-Middle East bafuna kakhulu izimpondo zabo. Bakholwa ukuthi lezi zimpondo ziwamuthi wokusiza amadoda anamandla. Baningi obhejane ababulawa ngoba abantu befuna ukunquma izimpondo zabo. Namhlanje obhejane bambalwa. Bahlala eKenya eTanzania naseNingizimu Afrika, naseZimbabwe naseNamibia. Obhejane bonke bahlala eziqiwini manje. Abantu bayabazingela nxa beqile eziqiwini. Abanye bahlala eNingizimu Afrika, KwaZulu-Natal. Imikhombe ithanda ukuhlala ehlanzeni kodwa obhejane omnyama bahlala kahle emahlathini.[4]

Ukudla Abakudlayo: Imikhombe idla utshani kanti ubhejane omnyama udla amakhasi emithi. Izindebe zabo ziyabasiza uma bedla. Izindebe zibanzi zisiza ukudla utshani kanti futhi izindebe zondile ukusiza obhejane ukunqampuna amakhasi. Bonke obhejane bathanda kwamanzi, kodwa bangahlala izinsuku eziningi amanzi engekho.[5]

Obhejane namaSiko amaZulu: Obhejane bakhona ezinganekwaneni zamaZulu futhi babalulekile kakhulu namhlanje emasikweni amaZulu ngoba kukhona obhejane babili baningi bahlalayo endaweni zamaZulu. AmaZulu angasiza ukulondoloza obhejane ngoba izinombolo zabo ziyancipha. Abavakashi bayathanda ukubona obhejane, futhi ukubakhona kobhejane kuyawusiza umnotho nezokuvakasha kwaZulu-Natal.[6]

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. Wildlife conservation
  2. Endangered Species
  3. "Rhino Facts". Archived from the original on 2021-03-27. Kulandwe ngomhlaka 2020-05-16.
  4. world wild life
  5. Animal of the week - Square lipped rhinoceros
  6. Community Engagement