Jump to content

Shembe

Kubuya ku Wikipedia
(Redirected from Umlando kaShembe)
Elithi Shembe ngesiBheqe soHlamvu

Igama elithi Shembe liyisibongo esisetshenziswa abantu abatholakala esifundazweni saKwaZulu-Natali. Baphuma kubantu bakwa Khumalo. Lokho kuchaza ukuthi abantu bakwa Shembe bangamaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni, njengoba kunjalo ngabantu bakwaKhumalo.[1]

Kukhona umlando othi abantu bakwaShembe badabuka ohlangeni lakwaKhumalo, baphuma kuMzazela indodana kaMagawozi endlini yaseNgome. UMagawozi wazala uBheje noMzazela lona owayebuye aziwe ngelika Shembe. UMzazela lona simthola esakhe laphana phesheya komfula iSikhwebezi osekuyizwe eliphethwe abantu bakwa Ndebele. Igama lomuzi wakhe kwakus' Entandabathakathi.

UMzazela wayeyisangoma esaziwayo ngamakhathakhatha aso. Wayesiza abantu abaningi ngemithi yakhe, wayevikela ngisho abalahlwe ngamacala bathola izigwebo zokuthi kufanele babulawe. Imithi yakhe yayisindisa ngisho abathakathi imbala, yingakho nje etha umuzi wakhe wathi yis, Entandabathakathi. Udumo lukaMzazela lokwelapha lwaze lwafika ezindlebeni zenkosi uSenzangakhona kaJama owayebusa kwaZulu ngaleso sikhathi. Phela uMzazela lona wayenomuthi wokuphilisa kuphela ayi owokubulala. Ngenxa yodumo lwakhe abantu baba nomona bahamba bayomqambela amanga eNkosini, iNkosi yathi uma izwa ngamahebezi yathumela abantu bayo bayoyzwela ukuba yiqiniso yini.

Izithakazelo zakwaShembe

[hlela | Hlela umthombo]

Mntungwa
Mzazela
Nhlanzi kaPhoswa
Donsa
Mashiyamahle anjengoboya benkonyane

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ "Archive copy". Archived from the original on 2026-02-03. Kulandwe ngomhlaka 2024-08-29.CS1 maint: Archived copy as title (link)