Umnyamangabomu

Mayelana Wikipedia

São_Carlos_-_Bairro_sem_energia_elétrica_01

Umnyamangabomu[1], obizwa nangokuthi ucimicimi noma ukucishakonga, kuwukuvalwa kwamandla wamazuba okuyinto eyenziwa ngabomu lapho ukufufuthwa kwamazuba kuyekwa khona ngezikhathi ezithile ezingxenyeni ezahlukene zendawo abiwa kuyo.

Emazweni asathuthuka[hlela | Hlela umthombo]

Iminyamangabomu sekuyinto evamile neyenzeka nsuku zonke emazweni amaningi asathuthuka,[2] lapho khona ukuxhaswa ngezimali kwamandla wokuphehlwa kwamazuba kusephansi noma kunengqalasizinda ephethwe kabi. Ezimisweni eziphethwe ngokufanele, kulapho khona izinhlelo nezijubo zeminyamangabomu zishicilelwa kusengaphambili ukuze abantu bazilunguselele yona. Kodwana ezimisweni eziphethwe ngokunganaki, iminyamangabomu yenzeka ngaphandle kwesixwayiso, ngokuvamile noma yinini lapho umjinge wokufufukiswa kwamazuba kunganele bonke.

Lokhu kuba nemithelela ehlukahlukene, futhi kungaphazamisa okulindelwe imiphakathi. Ngokwesibonelo, ezweni laseGhana, ucimicimi usho ukulindelwa kokuthathwa kwamazuba ngaphandle kwesixwayiso ngenxa yomnyamangabomu.

ENingizimu Afrika[hlela | Hlela umthombo]

Kusuka ngonyaka wezi-2007, iNingizimu Afrika ibilokhu ibhekene neziwombe eziningana zomnyamangabomu zokwehlisa umthamo wamazuba noma ukuwacisha ngenhloso yokuwonga. Lezi zazibangelwa ingqekelelo ephezulu yamazuba ezweni okwakungaphezu kokuhlinzekwa kwawo, nokwaphinde kwandiswa ukuguga kwengqalasizinda, ukunganakekelwa kwayo, nokwakhiwa lusilili kwesikhumulo zamandla ezintsha. Kamuva kuye kwavezwa ngulowo okhulumela uEskom uSikhonathi Mantshantsha, ukuthi inkohlakalo ekukhishweni kwamathenda kanye nokudicilelwa (Sabotage) phansi kwengqalasizinda yamandla okwenziwa abasebenzi[3][4] kube okunye kwezinto eziyinhloko ezibangela ucimicimi. Lokhu sekube nomthelela omubi nolimaza umnotho waseNingizimu Afrika futhi kube neqhaza elikhulu ekunciphoseni indlela okhula ngayo.

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. Doke, Vilakazi (1972). Zulu-English Dictionary. Witwatersrand University Press. p. 619.
  2. Agarwal, Anshul; Khandeparkar, Kedar (June 2021). "Distributing power limits: Mitigating blackout through brownout". Sustainable Energy, Grids and Networks 26: 100451. doi:10.1016/j.segan.2021.100451. https://www.sciencedirect.com/science/article/abs/pii/S2352467721000229. Retrieved 14 June 2022. 
  3. https://mg.co.za/news/2023-01-17-you-are-sabotaging-us-ahead-of-2024-elections-anc-tells-eskom/
  4. https://dailyinvestor.com/energy/19877/eskom-sabotage-of-catastrophic-proportions/#:~:text=Eskom%20executives%20involved%20in%20sabotage,to%20sabotage%20at%20power%20stations.