Jump to content

Umzimba

Kubuya ku Wikipedia

Umzimba ngokomchazampilo uyinto ebambekayo yomuntu noma yesiphili. Leli gama lisetshenziselwa kuphela kulezo ziphili eziyinto eyodwa ebumbene noma ephelele. Kuneziphili ezishintshayo kusukela ekubeni onongqamuzanye zibe iziphili eziphelele: ngokwesibonelo, isikhunta se-slime. Lezo ziphili ziba nomzimba lapho sezingonangqamuzaningi. Igama elithi umzimba libuye lisho lokhu:

  • Umzimba wengqamuzana: libhekisela emangqamuzaneni afana neziNzwa ezinamaluzi amade.

Umzimba womuntu ofile ubuye ubizwe isidumbu, noma ugodo. Imizimba yezilwane yona nayo ibizwa izidumbu noma izigingaboya (omalahlwanaboya).

Umzimba womuntu ohlanganisa izitho ezifana nekhanda, intamo, ingenhla, izingalo ezimbili, izinyawo ezimbili kanye nezangasese ezihlukayo kowesilisa nowesifazane.

Igatsha lomchazampilo elicwaninga ngemizimba nolwangu lwawo nkuhleleka kwawo lubizwa umchaza??.[1] Umhlakahlo uyigatsha elingaphansi kwaleli gatsha, futhi wona ucwaninga uhlaka lomzimba ezingeni elingaphezu kwelezicubu. [2]

  1. "Morphology Definition of Morphology by Oxford Dictionary on Lexico.com also meaning of Morphology". Lexico DictionariesEnglish (in i-English). Archived from the original on March 5, 2020. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  2. "Anatomy – Definition of anatomy by Merriam-Webster". merriam-webster.com.