Jump to content

Umzulane

Mayelana Wikipedia
Imizulane eyisi-8 yozungezohlelo lweLanga ngokwezilinganiso ezifanele (emikhulu kuyela kwemincane, kwesesinxele kuye kwesokudla): uNomaxhama,iNdonsa, uNomakhekheba, uNolundwa (emihelana), uNomkhubulwana, uNokhwezi (Isicelankobe, ikhwezi), uNotshezi kanye uNomjubana (ehlabathi).

uMzulane uyimbhulunga enkulu yasemkhathini ezungeza inkanyezi thizeni, kodwa yona ayisiyo inkanyezi. UZungezohlelo lweLanga lunemizulane eyisi-8 ngokwemigomo ebekelwe ukuchaza ukuthi yini engabalwa njengoMzulane: imizulan' ehlabathi ( uNomjubane, uNokhwezi, uNomkhubulwana, kanye noNotshezi) kanye nemizulana emhelezo (iNdonsa, uNomaxhama, uNomakhekheba, kanye noNolundwa). Isihlawumbhiselo senkonkowana esithi isigamu senkonkowana (ifu elikhulu ) siyafoceka ukuze kudaleke umbasa ozungezwa isicaba sothuli. Kulol' uthuli ilapho khona kubumbeka imizulane ngokubuthelana koTho lubuthelwa uMnyondo, isona siphaca esamukelwa ngoSosayensi.