Undabazabantu

Mayelana Wikipedia

Undabazabantu igama elalisetshenziswa kabili. Okokuqala lalisho amahhovisi kahulumeni lapho abantu kwakudingeka baye khona beyokhokha okhandapondo futhi beyobalwa benze nodomupasi. Leli gama laliphinde lisho isithunywa somlungu esasesatshwa kwaZulu esasehla senyuka ngehhashi sihambisa imiyalezo kahulumeni emphakathini siqoqa nokhandapondo. Yiso lesi sithunywa esasihambe singena umuzi nomuzi sibuza izindaba zabantu sithi sithunywe uhulumeni. Empeleni igama elithi "ndabazabantu" lalisho ukuthi "uhulumeni"

Namhlanje igama undabazabantu lisetshenziswa ukuchaza uphiko lakwa-Human Resorces ezinkampanini nesazihlanganweni naseminyangweni.

Leli gama like lasetshenziswa ukuchaza umnyango wakwa-Home Affairs ngenxa yokuthi ngezikhathi zakudala lo mnyango ubuhlangene neminyango efana nowokuqoqwa kwentela, ukubalwa komphakathi, amapasi njll. Manje lo mnyango usubizwa ngoUMnyango wezaseKhaya.