Unongo

Mayelana Wikipedia

Unongo liwusempu lwento, umuntu noma uhlelo olwazisayo. Legama lisho ingxenye encane yento enkulu. Lisho into emelela okunye. Izinjongo zingahlukaniswa kube izinjongo ezingokoqobo, izinongo eziyisicabangelo, eziwumgogodla wenjulalwazi nenzululwazi , njengoba cisho yonke imibono yenzululwazi ifaka phakathi uhlobo oluthile lomkhakha ongokoqobo noma wabantu.

KwezeNtengiselwano, "unongo" lungabhekisela kumklamo othile womkhiqizo obukiswayo (isb. Ford Model T), futhi lungabhekisela nasemkhiqizweno othwngiswayo ngokwawo.

Izinhlobo zonongo yilezi:

uNongo olungokoqobo[hlela | Hlela umthombo]

Unongo lwendlu eshayo e-Bekonscot, Beaconsfield, UK
Unongo lomlinganiso lwaphakathi nesidlavela sase-Singapore
Unongo lwesigcawo sempi — Isikhumbuzo seMpi sase-Australia, Canberra

Unongo olungokoqobo (imvama olubizwa ngokuthi unongo kodwa kulomongo luhlukaniswa nonongo oluyisicabango) luyisifaniselo esingokoqobo esingaba sikhulu noma sincane sento ethile. Into eyenziwa unongo ingaba ncane (ngokwesibonelo, ichwe) noma ibe nkulu (ngokwesibonelo, uhlelo lukanozungezilanga). Ngomunye umqondo, unongo olungokoqobo "kuhlake liwukubonakaliswa konongo oluyisicabango; unongo oluyisicabango lucatshangwa kusengaphambili njengomklamo walelo elingokoqobo", osekusele ukuba lukhandwe njengoba lucatshangiwe.[1]

Isilinganisazwe sonongo nento esiyimelelayo zivame ukuma ngokufanayo ngomqondo wokuthi olunye lungukulinganiswa kancane kolunye.

  1. Ibrahim A. Halloun, Modeling Theory in Science Education (2007), p. 36.