Unyaka wezi-2021 eNingizimu Afrika
Appearance
Izehlakalo zaseNingizimu Afrika zangonyaka ka-2021.
AbaPhathiswa
[hlela | Hlela umthombo]- UMongameli: uCyrill Ramaphosa (ANC)
- Isekela mongameli: uDavid Mabuza (ANC)
- Induna yabaHluleli: uMogoeng Mogoeng
- Isekela nduna yabaHluleli: uRaymond Zondo
- UMongameli weNkundla yokuDluliswa kwamacala: uMandisa Maya
- Isekela mongameli weNkundla yokuDluliswa kwamacala : Xola Petse
- Usihlalo weNkundla yezokhetho: Boissie Henry Mbha[1]
- USomlomo wePhakamende lwezwe laseNingizimu Afrika: uThandi Modise (ANC)
- IPhini likaSomlomo wePhalamende lezwe: uLechesa Tsenoli (ANC)
- Umholi wabaphikisayo ePhalamende lezwe: uJohn Steenhuisen (DA)
- Umholi wamabhizinisi kahulumeni: uDavid Mabuza (ANC)
- USotshwebhu wePhalamende: uPemmy Majodina (ANC)
- USotshwebhu wabaphikisayo: uNatasha Mazzone (DA)
- Usihlalo woMkhandlu weziFundazwe: uAmos Masondo (ANC)
- IPhini likasihlalo woMkhandlu weziFundazwe: uSylvia Lucas (ANC)
- Umholi wabaphikisayo kuMkhandlu weziFundazwe: uCathlene Labuschagne (DA)
- USotshwebhu woMkhandlu weziFundazwe: uSeiso Mohai (ANC)
IBandla eliyisigungu
[hlela | Hlela umthombo]IBandla longqongqoshe, kanye noMongameli benoSekela mongameli, bebonke bakha iBandla eliyisgungu.
ONdunamkulu beziFundazwe
[hlela | Hlela umthombo]- Isifundazwe seMpuma Kapa: u-Oscar Mabuyane (ANC)
- Isifundazwe esiKhululekile: uSisi Ntombela (ANC)
- Isifundazwe seGoli: uDavid Makhura (ANC)
- Isifundazwe saKwaZulu-Nata: uSihle Zikalala (ANC)
- Isifundazwe seLimpopo: uStanley Mathabatha (ANC)
- Isifundazwe seMpumalanga: uRefilwe Mtsweni-Tsipane (ANC)
- Isifundazwe seNyakatho-ntshona: uJob Mokgoro (ANC)
- Isifundazwe seNyakatho Kapa: uZamani Saul (ANC)
- Isifundazwe seNtshona Kapa: u-Alan Winde (DA)
IZehlo zaNyangazonke
[hlela | Hlela umthombo]KuMasingana noNhlolanja
[hlela | Hlela umthombo]- 7 kuMasingana – Ubhadane lwe-COVID-19: uNgqongqoshe wezempilo uZweli Mkhize umemezela ukuthi elaseNingizimu Afrika lizokwamukela imijovo eyisigidi esisodwa sechiza i-AZD1222 ngoMasingana nengama-500,000 ngonhlolanja. Abosompilo abayisgidi esisodwa nezinkulungwanenziyikhulu bazoqhakambiswa. Elakuleli seliqinisekise ukuthelekeka kwabayisigidi nezinkulungwane eziyikhulu futhi kwashona abangama-31,368.[2]
- 25 kuMasingana – Kufa umfanyana oneminyaka emihlanu eMpumalanga[3] futhi izinkulungwane zilahlekelwa amakhaya njengoba isishingishane u-Eloise siletha izikhukhula ezinkulu e-Afrika eseningizimu. Isifundazwe saseLimpopo yisona esishayeka kakhulu.[4][5]
- 1 KuNhlolanja
- uNgqongqoshe wezempilo uBarbara Creecy ubika ukuthi ukuzingelwa kobhejane kwehleli kujenga leminyaka eyisithupha edlule, njengoba kubalawe izilwane ezingama-394 ngowezi-2020 ngenxa yezimpondo. Uthi lokhu kwehla kubangwa Ubhadane lwe-COVID-19 nomsebenzi wabaqaphi besiqiwi nabezokuvikela futhi waveza ukuthi inkinga yokuzingelwa kobhejane isenkulu.[6]
- UMongameli wangaphambili uJacob Zuma udelela inkantolo yomthethesisekelo ngokwenqaba ukuzophana ngobufakazi kwiKhomishana yokwaHlulela ePhenya ngeziNsolo zokuGwamandwa koMbuso.[7]
- 23 kuNhlolanja – Isidlavela esaziwa nge-Port Elizabeth sinikwa igama elisha ngokusemthethweni elithi Gqeberha. Olunye ushintsho lwamagama okwenzekayo luhlanganisa iKariega(ebiyizwa ngokuthi Uitenhage) kanye neSikhumulo seziNdiza iNkosi Dawid Stuurman (esasibizwa ngokuthi isiKhumulo seziNdiza sase-Port Elizabeth).[8][9]
KuNdasa noMbasa
[hlela | Hlela umthombo]- 1 kuNdasa – Uhulumeni umemezela amacebo wokusungula iNkundla yezoMhlaba ekhethekile.[10]
- 8 kuNdasa – Abathalazi basemgwaqeni abangabokufika bevela eSenegal naseBurkina Faso bangeniswa esibhedlela emva kokuhkaselwa kwabokufika eThekwini.[11]
- 10 kuNdasa – Umlisa oneminyaka ephakathi uyabulawa emva kokudutshulwa ngamaphoyisa ekhandwe ngenhlamvu yenjoloba ngesikhathi kunombhikisho ngokumelene nezindleko esiphezulu eNyuvesi yase-Wits.[12]
- 24 kuNdasa – Ikhomishana yamaLungelo aBantu yaseNingizimu Afrika iphenya icala lokubandlulula olubandakanya isishoshovu samaNdebele uThando Mahlangu, oneminyaka engama-35, nokusebenzisa kwakhe izimpahla zomdabu esitolo samakhambi esidlidlini saseGoli.[13]
- 24 kuNdasa – INdlovukazi uMantfombi Dlamini Zulu obekwa njengebamba leSilo emva kokukhothama kweSilo samaZulu uZwelithini kaBhekizulu.[14]
- 25 kuNdasa – AbaseTopiya babhikisha esidlaveleni iPitoli ukuze badonsele ukunaka ekuphulweni kwamalungelo abantu okwenzeka esifundeni saseTigray, eTopiya.[15]
- 29 kuNdasa – UMongameli Ramaphosa uyala wonke amalunga enhlangano kaKhongolse abekwe amacala wenkohlakalo namanye amacala abucayi ukuba ashenxe ezikhundleni kungakapheli izinsuku ezingama-30 noma alindele ukubhekana nokumiswa.[16]
- 18 kuMbasa - kuqubuka umlilo eNtabeni yesiThebe, eKapa.
KuNhlaba noNhlangulana
[hlela | Hlela umthombo]- KuNhlaba – Ukuqulwa kwecala lenkohlakalo elibekwe owayengumongameli uJacob Zuma kulungela ukuqala.[17] Kodwa liye lahlehliswa.
- 9 kuNhlangulana – Kuvela umbiko othi uGosiame Thamara Sithole uzale izingane eziyishumi—ezungabafana ezinhlanu nezingamantombazane ezinhlanu—okungaba ukuqopheka komlando womhlaba.[18] Mhla ziyi-15 kuNhlangulana wezi-2021 lowo owayezoba nguyise wezingane eziyishumi wavuma ngesitatimende somndeni ukuthi lendaba ayilona iqiniso nokuthi uGosiame Thamara Sithole akawazalanga amawele ayishumi.[19]
- 29 kuNhlangulana – INkundla yomthethesisekelo yaseNingizimu Afrika ikhipha isitatimendi esithi owayengumongameli wakuleli uJacob Zuma uzoboshwa izinyanga eziyi-15 kulandela ukutholwa anecala lokudelela inkundla..[20]
KuNtulikazi noNcwaba
[hlela | Hlela umthombo]- 1 kuNtulikazi - Kubheduka ukwanda kodlame empini yosamatekisi ngenxa yomzila i-B97 ophakathi kwe-Bellville ne-Paarl.
- 2 kuNtulikazi –UMongameli Cyril Ramaphosa ubeka uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uNkz. Angie Motshekga njengomongameli oyibamba wezwe uSuku olulodwa njengoba yena ehambele umgcwabo womBuso woMengameli ongasekho waseZambiya uKenneth Kaunda, kuyilapho iSekela Mongameli uDavid Mabuza ethathe ikhefu lokuyolashwa.[21]
- 9 kuNtulikazi - Kuqala izibhelu zaseNingizimu Afrika.
IZehlo eziJutshiwe
[hlela | Hlela umthombo]Mhla zilu-1 kuLwezi kwaba nezinketho zemikhandlusidlidli.
iMivalo
[hlela | Hlela umthombo]INingizimu Afrika inezinsuku eziyimivalo zomphakathi ezingama-12; uma uSuku lomvalo lungweSonto, ukuvalwa kuhlehliselwa osukwini olulandelayo loMvulo.
22 kuNdasa – uSuku lwamalungelo eSintu 27 kuMbasa – uSuku lweNkululeko (uSuku lweZwe) 16 kuNhlangulana – uSuku lweNtsha 9 kuNcwaba – uSuku lwabeSifazane leZwe 24 kuMandulo – uSuku lwamaGugu
Ezemidlalo
[hlela | Hlela umthombo]- 25 kuNhlolanja – uCaster Semenya, 30, umemezela ukuthi uzofaka isicelo eNkundleni yaseYurophu yamaLungelo eSintu (ECHR) ukuze akwazi ukungenela imincintisano yokusubatha njengowesifazane. Isifakazelo sokuzalwa sakhe simhlonza njengowesifazane futhi naye ubelokhu ezihlonza njengowesifazane, kodwa unamazinga aphezulu (-testestorone) amenza angamukelwa emncintiswaneni yoMhlaba.[22]
- 15 kuya ku-18 kuMbasa – 2021 Men's Indoor African Cup
- 19 to 25 kuMbasa 2021 – 2021 IIHF World Championship Division III
- 24 kuNcwaba kuya 5 kuMandulo – South Africa at the 2020 Summer Paralympics
- ↑ "Heads of Superior Courts". www.judiciary.org.za. 2021. Archived from the original on 2018-03-06. Kulandwe ngomhlaka 2021-03-04. Unknown parameter
|url-status=
ignored (help) - ↑ "South Africa to receive first COVID vaccines in January". aljazeera.com (in i-English). Al Jazeera English. January 7, 2021. Kulandwe ngomhlaka January 9, 2021.
- ↑ Allen, John (31 January 2021). "South Africa's Zuma Goes Rogue, Defies Top Court". allAfrica.com (in i-English). all Africa. Kulandwe ngomhlaka February 2, 2021.
- ↑ "Limpopo province flooded following Cyclone Eloise". news.yahoo.com. Reuters. January 25, 2021. Kulandwe ngomhlaka January 25, 2021.
- ↑ Pillay, Kirthana; Rumney, Emma (January 26, 2021). "Thirteen dead, thousands homeless in southern Africa after storm Eloise". news.yahoo.com. Reuters. Kulandwe ngomhlaka January 26, 2021.
- ↑ "Rhino poaching in South Africa falls during Covid-19 lockdown". news.yahoo.com. BBC News. February 1, 2021. Archived from the original on February 1, 2021. Kulandwe ngomhlaka February 2, 2021. Unknown parameter
|url-status=
ignored (help) - ↑ Allen, John (1 February 2021). "South Africa: Former President Zuma Defies Constitutional Court Ruling to Testify on State Capture". allAfrica.com (in i-English). All Africa. Kulandwe ngomhlaka February 2, 2021.
- ↑ "BREAKING | It is official, Port Elizabeth has a new name—Gqeberha". DispatchLIVE (in i-English). February 25, 2021. Kulandwe ngomhlaka February 25, 2021.
- ↑ Princewill, Nimi (February 25, 2021). "South Africans get their tongues round Gqeberha, the new name for Port Elizabeth". CNN. Kulandwe ngomhlaka February 25, 2021.
- ↑ "South Africa plans special court to help unblock land redistribution". news.yahoo.com. Reuters. March 1, 2021. Kulandwe ngomhlaka March 1, 2021.
- ↑ Majola, Nokulunga (9 March 2021). "South Africa: "It Is a Sin That South Africans Can Do This to Their Fellow Africans" Says Witness to Durban Violence". allAfrica.com (in i-English). Ground Up. Kulandwe ngomhlaka March 9, 2021.
- ↑ "One killed as police clash with students protesting over fees at S.Africa's Wits university". news.yahoo.com. Reuters. March 10, 2021. Kulandwe ngomhlaka March 10, 2021.
- ↑ Princewill, Nimi (March 26, 2021). ""I'm always chased away and victimized," says shopper told his traditional clothing is 'indecent' in South Africa mall". CNN. Kulandwe ngomhlaka March 26, 2021.
- ↑ "Late Zulu king's third wife appointed regent". msn.com. BBC News. March 24, 2021. Kulandwe ngomhlaka March 26, 2021.
- ↑ MAGOME, MOGOMOTSI (March 25, 2021). "Protest in South Africa over conflict in Ethiopia's Tigray". news.yahoo.com. AP. Kulandwe ngomhlaka March 25, 2021.
- ↑ "All members of South Africa's ANC charged with corruption must step aside or face suspension - Ramaphosa". news.yahoo.com. Reuters. March 30, 2021. Kulandwe ngomhlaka March 30, 2021.
- ↑ "South African ex-president's corruption trial set for May". AP NEWS. 23 February 2021. Kulandwe ngomhlaka February 23, 2021.
- ↑ "South African woman gives birth to 10 babies in Pretoria - reports". news.yahoo.com. Archived from the original on June 9, 2021. Kulandwe ngomhlaka June 10, 2021. Unknown parameter
|url-status=
ignored (help) - ↑ "There are no babies, admits father of 'Tembisa 10'". www.news24.com/.
- ↑ "ConCourt vs Zuma". 29 June 2021.
- ↑ "President appoints DBE Minister as Acting President". 2 July 2021. Archived from the original on 9 January 2023. Kulandwe ngomhlaka 9 January 2023.
- ↑ IMRAY, GERALD (February 25, 2021). "Semenya taking case to European Court of Human Rights". ABC News (in i-English). AP. Kulandwe ngomhlaka February 25, 2021.