User:Maraduzi01/Thomas Sankara

Mayelana Wikipedia
Thomas Sankara
1st President of Burkina Faso
Isikhathi:
4 August 1983 – 15 October 1987
Emva kwa Jean-Baptiste Ouédraogo
uLandelwa Template:Nowr
5th Prime Minister of Upper Volta
Isikhathi:
10 January 1983 – 17 May 1983
President Jean-Baptiste Ouédraogo
Emva kwa Saye Zerbo
uLandelwa Post abolished
Secretary of State for Information
Isikhathi:
9 September 1981 – 21 April 1982
Ukwazisa
Ubezalwa Thomas Isidore Noël Sankara
21 ngoZibendlela 1949(1949-12-21)
Yako, Upper Volta
Wafa Template:Dda
Ouagadougou, Burkina Faso
Resting place Ouagadougou
Iqembu African Independence Party (Burkina Faso)
Ubeshada Mariam Sankara
Abantwana 2
Military service
Allegiance Upper Volta
Template:BUR
Years of service 1966–1987
Battles/wars Agacher Strip War

Thomas Sankara

UMongameli weBurkina Faso wokuqala






Waba sesikhundleni

Ngomhla ka 4 Agast 1993 - 15 Okthoba 1987

Wayelandela uJean-Baptiste Ouedraogo

Walandelwa nguBlaise Comapaore (ngoketulo lombuso

Wabasesikhundleni ukusukela ngo 10 Januwari 1983 - 17 Meyi 1983



Imininingwane yakhe siqu

Wazalwa enguThomas Isidore Noel Sankara ngomhla ka21 Disemba 1949, eYako, Upper Volta, washona ngomhlaka 15 Okthoba 1987 (eneminyaka engu 37) eOugadougou, Burkina Faso

Wabulawa ngenhloso yezepolitiki

Iqembu lezepolitiki: African Independence Party (Burkina Faso), umkakhe, Mariam Sankara, izingane ezingu 2

Umbutho wezempi

Ubulunga: Upper Volta, Burkina Faso

Iminyaka yokusebenza: 1966 - 1987

Izimpi azilwa: Agacher Strip War


UThomas Isidore Noël Sankara ( French pronunciation: [tɔma sɑ̃kaʁa] ; 21 December 1949 - 15 Okthoba 1987) wayengu Burkinabé yisosha futhi futhi isishoshovu sobusoshiyali, owasebenza njengoMongameli weBurkina Faso, ukusukela ethatha umbuso ngobuvukela bombuso ngobusosha ngo 1983 kuze kufikele lapho aketulwa khona ngokubulawa ngo 1987. Wayeyi-Marxist Leninist nokuba yi-pan Africanist, wayebona ngabasekeli bakhe njengomholi wedumela nowaziwayo njengerivolushinary ethathwa njengo-Che Guevara wase-Afrika". [1] [2] [3] [4]

Ngemuva kokuqokwa njengoNdunankulu ngo-1983, ukungezwani nohulumeni owayephethe kwaholela ekutheni uSankara agcine eboshiwe. Ngenkathi eboshelwe endlini, iqembu lamarivolushinary, lathatha amandla ombuso egameni lakhe, ngovukelambuso alalesekelwa kakhulu ngalowo nyaka.

Eminyakeni engama-33 ubudala, uSankara waba nguMongameli weRiphabhulikhi yase-Upper Volta . Ngokushesha wethula izinhlelo zokuguqula ezenhlalo yabantu, ezemvelo nezomnotho futhi waqamba kabusha leli zwe elisusa egameni lobukoloni baseFrance elithi Upper Volta walitha igama elithi eBurkina Faso ("Land of Incorruptible People"), nabantu balo babizwa ngamaBurkinabé ("abantu abaqotho"). Imigomo yakhe namazwe angaphandle yayigxile ekulweni ne-imperialism, kanti futhi wanqaba nezihlelo zosizo oluvela ngaphandle ezinhlanganweni ezifana ne- International Monetary Fund. USankara wamukele usizo lwangaphandle oluvela kweminye imithombo kodwa wazama ukunciphisa ukuthembela osizweni ngokukhuphula imali engenayo yasekhaya nangokuhlukanisa imithombo yosizo.

Imigomo yakhe yezasekhaya yayigxile ekuvimbeleni indlala ngokuzimela kwezwe kwezolimo kanye nokubuyiselwa komhlaba, ukubeka phambili imfundo ngomkhankaso kazwelonke wokufunda nokubhala nokukhuthaza impilo yomphakathi ngokugonya izingane ezingaphezu kwezigidi ezimbili kwizifo ze- meningitis, i-yellow fever nesimungumungwane . Kuphakathi kwezingane eziyi-18,000 nezingama-50 000 ezafa minyaka yonke ngesimungumungwane ne-meningitis. [5] [6] IBurkinabe yakha okokuqala izikole eziningi, izikhungo zezempilo, amadamu amanzi, futhi cishe u-100 km wemizila yezitimela, futhi ngaphandle kosizo oluvela ngaphandle kwezwe. Ingqikithi yokukhiqizwa kwamabele yakhuphuka ngamaphesenti angu-75% phakathi kuka-1983 no-1986.

Ezinye izingxenye zohlelo lwakhe lukazwelonke zazibandakanya ukutshala izihlahla ezingaphezu kwezigidi eziyi-10 ukulwa nokwanda kwehlane kweSahel, ukwabiwa kabusha komhlaba kubanikazi bomhlaba abazimele, ukumisa intela yezindawo zasemaphandleni nezintela zasekhaya nokusungula uhlelo lokwakhiwa kwemigwaqo nojantshi bezitimela. [6] Ezingeni lendawo, uSankara wanxusa yonke imizi ukuthi yakhe indawo yokwelapha futhi wakha namakhemisi ezigodini ezingama-5,384 kweziyi-7 500. Kusukela ngo-1982 kuya ku-1984 izinga lokufa kwezinsana lehla lisuka kwizinsana ezingu -208 kwezingu-1 000 ezinganeni ezizalwayo laya kwazingu-145. [7] Ukungenwa kwesikole ngaphansi kukaSankara kwakhuphuka kusuka ku-6% ukuya ku-22%. [8] [[Category:Abazalwa nge-1949]]

  1. Burkina Faso Salutes "Africa's Che" Thomas Sankara by Mathieu Bonkoungou, Reuters, 17 October 2007.
  2. Thomas Sankara Speaks: the Burkina Faso Revolution: 1983–87, by Thomas Sankara, edited by Michel Prairie; Pathfinder, 2007, pg 11
  3. "Thomas Sankara, Africa's Che Guevara" by Radio Netherlands Worldwide, 15 October 2007.
  4. "Africa's Che Guevara" by Sarah in Burkina Faso.
  5. Vaccination commando: Burkina Faso. October 1985. https://pubmed.ncbi.nlm.nih.gov/12340574/. 
  6. 6.0 6.1 Murrey (2020), Thomas Sankara and a Political Economy of Happiness, Springer International Publishing, https://doi.org/10.1007/978-3-030-38922-2_10  Cite error: Invalid <ref> tag; name ":3" defined multiple times with different content
  7. Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named :4
  8. Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named :8