Jump to content

User:Nkankane

Kubuya ku Wikipedia

Ngiyimina nje. Ngifisa ukuba umqululwazi wesiZulu ungaba ugcwele kamnandi nolwazi oluninginingi usetshenziswe ngabaningi. Phela kungaba yisikhali esibalulekile ekusiphiliseni isiZulu esizukulwaneni esisha. Mina ngisazama ukuzifundisa lezi zinto ze-wikipedia kodwa kuyangidida. Abanye sebefakile izithombe ezinhle zezilimi abazaziyo, nokunye nokunye kube indendende engingenayo. Kepha sisayoqhubeka-ke. Indatshana engiyenzile engizigqaja ngayo umchazamkhathi okubonakala sengathi kufundwa kaningi njalo ngenyanga. Lokho kwangicabangisa ukuthi umqululwazi wesiZulu usakwazi ukuthuthuka.