User:Nkankane

Mayelana Wikipedia

Ngiyimina nje. Ngifisa ukuba umqululwazi wesiZulu ungaba ugcwele kamnandi nolwazi oluninginingi usetshenziswe ngabaningi. Phela kungaba yisikhali esibalulekile ekusiphiliseni isiZulu esizukulwaneni esisha. Mina ngisazama ukuzifundisa lezi zinto ze-wikipedia kodwa kuyangidida. Abanye sebefakile izithombe ezinhle zezilimi abazaziyo, nokunye nokunye kube indendende engingenayo. Kepha sisayoqhubeka-ke. Indatshana engiyenzile engizigqaja ngayo umchazamkhathi okubonakala sengathi kufundwa kaningi njalo ngenyanga. Lokho kwangicabangisa ukuthi umqululwazi wesiZulu usakwazi ukuthuthuka.