Jump to content

Usuku lweNkululeko

Kubuya ku Wikipedia
Isithombe sowayengumengameli uMandela lapho ekhetha ngowe-1994

Usuku lwenkululeko liwusuku oluwumvalo womphakathi eNingizimu Afrika olugujwa mhla zingama-27 ku-April.[1] Lolu suku lugubha ukhetho lokuqala ngemva kokuphela kobandlululo, olwabanjwa ngalolo suku kanye nosuku okwangeniswa ngalo umthethosisekelo omusha. Ukhetho olwenzeka ngowe-1994 kwakulukhetho lokuqala lukazwelonke lapho wonke umuntu oneminyaka engaphezu lweli-18 kuzo zonke izinhlanga,[2] wayevumelekile ukukhetha.

Lolu suku luyingxenye yezinye izinsuku ezili-12 eziyimivalo yomphakathi ngokomthetho obizwa uMthetho Wemiivalo Yomphakathi, wama-36 kowe-1994.

Ekugujweni kokuqala kwalolusuku, owayengumengameli uNelson Mandela wabeka inkulumo ePhalamende:[3]

As a new dawn ushered in this day, the 27th of April 1994, few of us could suppress the welling of emotion, as we were reminded of the terrible past from which we come as a nation; the great possibilities that we now have; and the bright future that beckons us. And so we assemble here today, and in other parts of the country, to mark a historic day in the life of our nation. Wherever South Africans are across the globe, our hearts beat as one, as we renew our common loyalty to our country and our commitment to its future.

Usuku lwenkululeko liwumgubho waminyaka yonke okwenziwa mhla zingama- 27 ku-April eNingizimu Afrika. Lolusuku lukhumbuza abantu baseNingizimu Afrika ngeminikelo engenakubalwa eyenziwa abantu nezinye izizwe ukuze bagqabule emakhamandeleni wobandlululo. Lubakhumbuza ngemizamo amaqhawe omzabalazo, afana noNelson Mandela, Steve Biko, Jacob Zuma, Moses Mabhida nabanye abaningi. Lolu suku aluphawuli njekuphela ngenkululeko eyabakhipha nggaphansi kobandlululo kodwa luphawula nangokuqashelwa kwamalungelo abantu ababengenawo ngaphambi kowe-1994.[4]

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ "Public Holidays Act, 1994 [No. 36 of 1994] - G 16136". saflii.org. Kulandwe ngomhlaka 2021-04-25.
  2. ↑ "South Africa: Voters registration". Electoral Institute for Sustainable Democracy in Africa. Archived from the original on 4 July 2015. Kulandwe ngomhlaka 27 April 2015. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  3. ↑ "Freedom Day: 27 April". South African History Online. Archived from the original on 28 March 2023. Kulandwe ngomhlaka 2021-04-25.
  4. ↑ Mirzaliyeva, Maysara (2022-08-16). "Freedom Day (South Africa)". National Today (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2023-05-19.