|
Umhlahlandlela wokuqoka isibhalwa esiqhakanjiswayo
This star symbolizes the featured content on Wikipedia. Lapha, sizonquma ukuthi yiziphi izibhalwa okufanele ziqhakanjiswe (ekhasini elikhulu). Izibhalwa ezizoqhakanjiswa kumele kube yilezo ezibhalwe kahle, ezinamaphuzu anele noma ezihlabahlosile. Bonke abahleli beWikiphidiya bavumelekile ukuqoka izibhalwa.
Okwamanje isibhalwa esiqhakanjiswayo sizoguqulwa kanye ngenyanga, ekuqaleni kwenyanga entsha, ukuze sihambisane nemigubho kazwelonke neyamazwe omhlaba yaleyo nyanga. Izibhalwa eziqokwayo sizohlolwa ukuthi ngempela zihambisana nemigubho eyaziwayo, kodwa kuzokhethwa esisodwa esizovela. Ezinye izibhalwa, isiqikili sazo sizofakwa ngaphansi kwengxenye ethi Ingabe bewazi, ngeke zivele njengesibhalwa esiqhakanjiswayo.
Isinyathelo 1 : Qoka isibhalwa esihambisana nemigubho kazwelonke noma yamazwe omhlaba ekuleyo nyanga, isb. inyanga yentsha (Juni- isibhalwa kumele sibe ngabantu abasha)
Isinyathelo 2 : Faka isangulo
Wikipedia:Featured article candidates/(name article)/archive1
- Isinyathelo 3 : Buyekeza izibhalwa esiqokiwe futhi ungene ekhasini lengxoxo ukuze ukhethe ofisa sivele ekhasini elikhulu.
|
Ngaphansi ungakhetha isibhalwa esiqokiwe, hlola ukuthi ingabe sihambisana nemigubho yenyanga futhi sibhalwe ngendlela ehlabahlosile. Bese uya ekhasini lezingxoxo, lapho uzofike ukhethe khona osibona sifaneleka ukuba sifakwe ekhasini elikhulu
Inyanga kaJuni kugujwa ngayo inyanga yentsha, inyanga yokubhensa (pride month), inyanga yezemvelo
Inyanga kaJulayi kugujwa ngayo inyanga yempilonhle engokomqondo, usuku lokuMandela, inyanga yempilonhle engokwenhlalo, inyanga yabesilisa
Inyanga ka-Agasti kugujwa ngayo inyanga yabesifazane
.