Umthethosisekelo

Mayelana Wikipedia
(Redirected from Womthethosisekelo)
Isithombe sikaHammurabi ethola imithetho yaseBhabhiloni, enikezwa inkosi yokukhanya.

Umthethosisekelo wezwe (noma kahulumeni) uhlobo lomthetho obalulekile idokhethi elitshela uhulumeni wezwe ukuba asebenze kanjani. Usho ukuba umbusi wezwe noma ababusi bezwe bazoqokwa kanjani nokuba singakanani isikhathi abazosihlala ehhovisi, ukuba imithetho emisha izokubekwa kanjani nokuba imithetho emidala izoguqulwa noma isulwe ngokusemuthethweni, ibaphi abantu abavumeleke ukuvota nokuba imaphi amanye amalungelo abathenjiswa wona, nokuba umthethosisekelo ungaguqulwa kanjani.


Imibandela ibekiwe ekutheni mangakanani amandla kahulumeni ngokomthethosisekelo. Kolunye uhlangothi, amazwe abuswa nguhulumeni onencindezi noma uhulumeni ongahlelekile avamise ukuwushaya indiva umthethosisekelo wezwe labo, noma babe nomthethosisekelo obandlululayo, onganikezeli abantu inkululeko namalungelo. Loluhlobo lwaziwa ngokuthi i-dictatorship. Ungasho ukuthi umthethosisekelo kuyindlela yokubumbana ngaphakathi kwemibuso ehlangene.

Umthethosisekelo woMbuso oHlangeneyo awulotshiwe kwidokhethi elilodwa njengasemazweni amaningi. Empelweni, umthethosisekelo woMbuso oHlangeneyo awulotshiwe phansi wonke. Inxenye yawo iyatholakala ngokulotshiwe, kuqala nge Magna Carta yangonyaka ka-1215 ne Bill of Rights Act yangonyaka ka-1689 kanye nenye equkethe imithetho yesimanjemanje eyaziwa nge Acts of Parliament. Enye inxenye yawo ithathwa njengomthetho owaziwayo futhi owenziwa yizinqumo zabahluleli kusukela eminyakeni engamakhulu eyendlule kwindlela yokwenza eyaziwa ngokubusa komthetho nezinkantolo. Ngenxa yalokhu, abanye abantu bathi uMbuso oHlangeneyo unomthethosisekelo oyi-de facto noma umthethosisekelo ongalotshiwe.