ITheku

Mayelana Wikipedia
(Redirected from EThekwini)
lelikhasi limayelana nedolobha, uma ufuna elimayelana nomasipala bheka la eThekwini.
ITheku
eThekwini
eThekwini
ITheku is located in South Africa
ITheku
Location of Durban in South Africa
Izixhumanisi: 29°53′S 31°03′E / 29.883°S 31.05°E / -29.883; 31.05
Izwe IRiphabliki waseNingizimu Afrika
Isifunda KwaZulu-Natal
Metropolitan municipality eThekwini
Established 1880[1]
Ubukhulu[2]
 • Jikelele 225.91 km2 (87.22 sq mi)
Inani labantu (2011)[2]
 • Jikelele 595,061
 • Iqulu 2,600/km2 (6,800/sq mi)
First languages (2011)[2]
 • isiNgisi 49.8%
 • isiZulu 33.1%
 • isiXhosa 5.9%
 • isiBhunu 3.6%
 • other 7.6%
Postal code 4001
Area code 031
Isizindalwazi www.durban.gov.za

iTheku (isiNgisi: Durban) yisidlavela esiKwaZulu-Natali ngaphansi komkhandlusdlidli we-Theku (eThekwini Municipality). Isidlavela saseThekwini yisona esikhulu futhi esinabantu abaningi okudlula zonke ezinye izidlavela esifundazweni saKwaZulu-Natal. Liyisidlavela sesithathu esinabantu abaningi kulandela iGoli neKapa. Ichweba laseThekwini lidume ngokuba eliphithizela kunawo wonke ezwenikazi lase-Afrika, okwenza libaluleke kakhulu emnothweni wezwe laseNingizimu Afrika.

Ifulegi laseThekwini

Abantu abangahlali eduze nolwandle bavame ukuvakashela ulwandle khona lapha eThekwini, futhi iTheku libukwa njengendawo yokuziphumulela.

Imisakazo[hlela | Hlela umthombo]

Ezemidlalo kanye nezinkundla[hlela | Hlela umthombo]

EKingsmead cricket ground, eThekwini ngonyaka we-2009

Umboxo[hlela | Hlela umthombo]

ITheku liyikhaya leqembu lomboxo elaziwa ngama-Sharks enenkundla yayo yasekhaya eyaziwa nge-Kings Park Stadium ekwazi ukumumatha abantu abayizi-56 000.

Ikhilikithi[hlela | Hlela umthombo]

ITheku liyikhaya leqembu lekhilikithi elaziwa nge-Natal Cricket Team kodwa laziwa nge-Dolpins uma lidlala. Ikhilikithi eThwenini idlalelwa enkudleni eyaziwa ngegama elthi- Kingsmead cricket ground okuyinkundla yokudlalela ikhiilikthi kuphela. Ngonyaka we-2003 imidlalo yekhilikithi yomhlaba yabanjelwa eThekwini.

Ibhola lezinyawo[hlela | Hlela umthombo]

EThekwini kunemaqembu ebhola amabili aseke adlalela kwiPremier Soccere League (PSL) okubalwa kuwo AmaZulu F.C. kanye Golden Arrows. AmaZulu adlalela imidlalo yasekhaya enkundleni yase-Moses Mabhida esenkabeni edolobha. IGolden Arrows idlalela imidlalo yayo yasekhaya enkundleni yaseKing Zwelithini eselokishini laseMlazi, ngesinye iskhtahi babuye badlalele enkundleni yase-Moses Mabhida okanye enkundleni yaseChatsworth.

Ngenkathi kubanjwelwe Indebe yoMhlaba yeFIFA ngonyaka we-2010 iTheku nalo labe kungelinye lamdolobha abe esingethe lemidlalo enkundleni yase-Moses Mabhida.

Izikhungo zemfundo[hlela | Hlela umthombo]

Izikole zikahulumeni[hlela | Hlela umthombo]

Izikole zamabanga aphansi :

  • Isikole samabanga aphansi iBhekokuhle
  • Isikole samabanga aphansi iDessenhoek
  • Isikole samabanga aphansi iDelani
  • Isikole samabanga aphansi iSizinda
  • Isikole samabanga aphansi iKwaSanti
  • Isikole samabanga aphansi iMargotfontein
  • Isikole samabanga aphansi iSavannah Park
  • Isikole samabanga aphansi iThornwood

Izikole zamabanga aphezulu :

  • Isikole samabanga aphezulu iBechet
  • Isikole samabanga aphezulu iDurban Academy
  • Isikole samabanga aphezulu iDurban Girls
  • Isikole samabanga aphezulu iDurban
  • Isikole samabanga aphezulu iFolweni
  • Isikole samabanga aphezulu iNtwenhle
  • Isikole samabanga aphezulu iSiphephele
  • Isikole samabanga aphezulu iKloof
  • Isikole samabanga aphezulu iPinetown Boys
  • Isikole samabanga aphezulu iPinetown Girls
  • Isikole samabanga aphezulu iWestville Girls
  • Isikole samabanga aphezulu iWestville Boys

Izikhungo zemfundo ephakeme[hlela | Hlela umthombo]

INyuvesi yaKwaZulu-Natali
  • Elangeni TVET College
  • Thekwini TVET College
  • Coastal TVET College
  • Inyuvesi yobuChwepheshe yaseThekwini (Durban University of Technology)
  • Inyuvesi yoChwephese yaseMangosuthu (Mangosuthu University of Technology)
  • Inyuvesi yaKwaZulu-Natali (University of KwaZulu Natal)
  • Inyuvesi yaseNingizimu Afrika (University of South Africa)

Ubuhlobo namazwe angaphandle[hlela | Hlela umthombo]

Amawele[hlela | Hlela umthombo]

ITheku liyiwele nalamadolobha:[3]

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. "Chronological order of town establishment in South Africa based on Floyd (1960:20-26)" (PDF). pp. xlv–lii.
  2. 2.0 2.1 2.2 Census 2011
  3. "Sister Cities Home Page". Archived from the original on 2011-08-10. Kulandwe ngomhlaka 2012-04-20. eThekwini Online: The Official Site of the City of Durban
  4. "Sister Cities of Guangzhou". Guangzhou Foreign Affairs Office. Archived from the original on 20 October 2011. Kulandwe ngomhlaka 10 February 2010.