Jump to content

AmaBandla aseZayoni

Mayelana Wikipedia
(Redirected from AmaBandla aseZiyoni)

Zionist_church_members_in_uniform_(8003557212)

AmaZayoni yiqembu lamahlelo obuKristu avela eSontweni LobuKristu LamaKatolika, elasungulwa nguJohn Alexander Dowie eZion, e-Illinois, ekupheleni kwekhulunyaka le-19. Izithunywa zevangeli ezivela kuleli bandla zafika eNingizimu Afrika ngowe-1904 futhi phakathi kwabaphenduki bokuqala kwakukhona UPieter Louis Le Roux noDaniel Nkonyane waseWakkerstroom abaqhubeka nokushumayela ngemva kokuba izithunywa zevangeli zaseZiyoni zihambile ngowe-1908.[1]

Amabandla wamaZayoni agcwala e-Afrika eseningizimu, futhi aphenduka amaBandla wase-Afrika Azimele; ucwaningo lowe-1996 lwasikisela ukuthi cishe bangamaphesenti angama-40 abantu bomdabu baseNingizimu Afrika abahamba ibandla lamaZayoni.[2]

Ibandla lamaZayoni elibizwa The Old Cornerstone Apostolic Church in Zion of South Africa, ngaphansi koMfundisi uMawethu Anthwell, laba negalelo elikhulu ekukhuliseni izimfundiso namabandla wamaZayoni zaba yilokho eziyikho namuhla. Ngokukhethekile amaBandla lawa indabuko nenkaba yawo ngokwezimfundiso isebandleni lika John Alexander Dowie elibizwa Christian Catholic Apostolic Church, elisendaweni ebizwa Zion, e-Illinois]], eMelika.

Ukufika kwesithunywa sikaDowie, uDaniel Bryant, ngowe 1904 kwaholela ekwakhiweni kwebandla lamaZayoni. Ngaphambi kwalokho, kwaku namaqeqebana amabili, eGoli, eWakkerstroom, ayefukuthiswa inceajana kaDowie ethi, Leaves of Healing (Amacembe wokwelapha) Leli bandla lokuqala lamaZayoni aliphumelelanga ngenxa yokuhlanjalazwa kumaDowie eMelika. Kodwa, ngowe-1908, ukufika kukaJohn G. Lake owangumZayoni oguquke waba umPhentekosta, kwaguqula amaZayoni amaningi ukuba amukele ibandla elisha elabizwa Apostolic Faith Mission of South Africa. Uquqaba olukhulu lamahlelo wamaZayoni, aqembuka kulo leli bandla elisha, elalixuba amasu wamaPhentekoste namasu kaDowie esiZayoni ngokuqondene nokwelapha ngokholo.

  1. Oosthuizen,G C (1987). The Birth of Christian Zionism in South Africa. KwaDlangezwa: University of Zululand
  2. Anderson, Allan (1992). Bazalwane: African pentecostals in South Africa. Pretoria: UNISA. pp. 11–12. ISBN 9780869817865.