Jump to content

Amafufu

Mayelana Wikipedia


Amafufu angamafu anezisekelo eziyisicaba futhi avame ukuchazwa njengakhukhumele, afana nokotini, nangokuba nommomo ontobontobo. Amafufu angamafu asezingeni eliphansi, ngokuvamile angaphansi kwezinkulungwane ezimbili (2,000) zamamitha ekuphakameni ngaphandle uma ewuhlobo lwamafufu aqongileyo. Amafufu angase avele ngokwawo ewodwana, noma esemgqeni, noma ngezihleke.

Amafufu avamise ukwandulela ezinye izinhlobo zamafu, njengamafalenala, lapho ethonywa izici zesimo sezulu njengokungazinzi, umswakama, nezinga lokushisa eliphansi . Ngokuvamile, amafufu akhiqiza ukuna encane noma ilize , kodwa angakhula abe amafufu aminyene athwele izulu noma aphenduke amafenala. Amafufu angakhiwa ngomhwamuko wamanzi, amaconsi wamanzi Banda mpo, noma imincwebe yeqhwa, kuye ngezinga lokushisa elizungezile . Amafufu eza ngezima eziningi ezihlukene futhi ngokuvamile abandisa umhlaba ngokukhwentuza imisebe yelanga engenayo. Amafufu ayingxenye yomunxa omkhulu wamafufu angenamyukakhoza noma angachadaluki, ohlanganisa namafenala.