Jump to content

Amafumaza

Mayelana Wikipedia

Amafumaza awuhlobo lwamafu anesithikili esiphakathi, ngokuyinhloko ayingxenye yomunxa wamafufenaba, owaziwa ngezindndibala ezidilingene ngobuhalalazi Nona ngezigaxana -- ezinkulu futhi ezinzima kunalezo zamayezecuya futhi ezincane kunalezo zamafufenaba . [1] Kodwana, uma ubuhalalazi bufana nezigaxa ngommomo ngenxa yobuqhashiya yesisindo somoya, khona-ke amafumaza aphenduka amafufu ngesakhiwo. Njengamanye amafufu kanye namafufenaba, amafumaza aphawula ukuchadaluka . Ukhethe lwamafumaza olunxadwe kancane namafumaza perlucidus ngezinye izikhathi lutholakala lwandulela umsinga ofudumele obuthaka, lapho amafumaza eqala ukuvingizeka, okuholela kwizigaxana zamafethaza perlucidus ezimaphakathi kwezindawo zamafethaza. Amafumaza avame ukutholakala phakathi kwemingcele efudumele nebandayo ekucindezelekeni, nakuba lokhu kuvame ukufihlwa amafu aphansi.

Amanye amafu amafethaza floccus anombala ombedu ngenxa yokuhlakazeka kukaRayleigh eNorah Head .

Amafumaza ayimibhosho, lawo abizwa ngokuthi castellanus, avame ukubikezela ukusondela kwenduduma ntambama, njengoba aveza ubuqhashiya kanye nokuchadaluka ezigaheni eziphakathi nezulumbulunga, okuyindqwo lapho amafufu ephenduka khona amafenala . Ngalokho, ayingxenye yezinhlobo ezintathu zamafu ezixwayisayo ezivame ukuqoshwa imboni yezokundiza, kuhlanganisa namafufu ayimibhosho kanye namafenala ayimibhosho. Amafumaza ngokuvamile akheka emamitheni aphakathi kwayizinkulungwane ezimbili (2,000) kuya ezinkulungwaneni eziyizithupha nekhulu (6,100) ngaphezu komhlaba, okuyisigaba okwakheka kuso amafethaza, futhi imifanekiso yezivoko iveza ukuthi zombili lezinhlobo zamafu zingakheka ngendlela ezinwebulula indawo enkulu.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. . p. 31–35. Missing or empty |title= (help)